Ukhala ngonya kwabezinkampani eziqopha imidlalo ye-TV uVatiswa Ndara
ENCWADINI yakhe yesibili, elandela eyokuqala ayekhala kuyo igazi umlingisi uVatiswa Ndara wabelana nabalandeli bakhe ngakubiza ngonya okwenziwa abaphathi bezinkampani eziqopha imidlalo kamabonakude.
UVatiswa oke waba umfundi wezindaba ku-Metro FM usola umkhakha wezokulingisa kuleli ngokumvalela zonke izintuba.
Kule ncwadi yakhe ethi Unfiltered 2 – My Unglamorous Odyssey in the World of South African Entertainment azoyikhipha maduze udalule ukuthi kungani engasabonakali kumabonakude.
Ku-Unfiltered 2, uVatiswa uveze uthi wavuka umbhejazane kanjani ngesikhathi etshelwa umdidiyeli womdlalo owawuzoboniswa kuMzansi Magic ukuthi batshelwe ukuthi bangamfaki emdlalweni abase beqale ukuwuqopha.
Ngomhlaka-30 Ncwaba (August) 2025, ubhale ku-X echaza kabanzi ukuthi umkhakha wezokulingisa umvale kanjani. Uthe noma bungekho ubufakazi obuqinile kodwa izimpawu zisobala.
“Izimpawu ezibonakalayo zikhona ukuthi umuntu uvaliwe, inkinga akulula ukufakazisa. Akulula futhi ukuthi abasakazi bemidlalo nabadidiyeli bengadalula abantu abamvalile, ikakhulu njengoba bazi kahle nokuthi umuntu ovaliwe akenze lutho”, kusho uVatiswa.
Wenze isibonelo ngomdidiyeli angamshongo igama athe wamtshela ukuthi iMzansi Magic inqabe isicelo sakhe [umdidiyeli] sokunika uVatiswa indawo emdlalweni. Ngesikhathi eqonda umphathi wemidlalo kulesiteshi, uLufuno Nethengwe, uthe wamchazela ukuthi isinqumo ngaye sathathwa ngoba uvaliwe futhi iMzansi Magic yabona ukuthi ukhona ongakwazi ukudlala leyo ndawo.
UVatiswa useke wabonakala emidlalweni efana ne-Generations: The Legacy, Gaz’ Lam, Nomzamo, Home Affairs, Tsha Tsha naku Society.
Ngo-2006 unqobe indondo kuma-SAFTA okuqala, emkhakheni we-Best Supporting Actress ngendawo ka-Marriam abeyilingisa ku-Home Affairs.
Uke wadlala indawo kamphathi weqembu lebhola likanobhutshuzwayo, i-Shooting Stars onenhliziyo elikhuni ku-eTV lapho abelingisa khona indawo ka-Neo Moloto.
NgoMfumfu (October 2008), i-International Academy of Arts and Sciences imemezele ukuthi uzoba ngomunye wamajaji kuma-Emmy Awards. Ujaje emkhakheni we-Best Performance By An Actress.
Ngo-2014 udlale indawo ephambili emdlalweni obuvezwa ku-SABC 1, iMfolozi Street nakomunye obugxile kwezepolitiki othi Ihawu le Sizwe.

