EZIKAMABONAKUDEEzosaziwayoIzindaba

UMabaso uthi ukudlala eka-Ben 10 kusize ukuqeda imingcele yothando

AKUNGATSHAZWA ukuthi ababukeli bembona okokuqala uSicelo Mabaso emdlalweni owuchungechunge ku-SABC 1, i-Generations: The Legacy bathatheka ugazi lwakhe futhi bachazeka indlela abukeka ngayo.

Lo mlingisi ongowokudabuka KwaZulu-Natali uqale ukubonakala kulo mdlalo ngoNhlaba kanti usengomunye wabahamba phambili kuwo.

Indawo ayidlalayo kaSamkelo iyona emenze waba sematheni njengoba efike wajola noLucy Diale (Manaka Ranaka) omdala kakhulu kunaye.

Kunesiqephu esiconsise amathe lapho labalingisi bebonakale beshayana ngesinqandi esinzima.

USicelo utshele iphephabhuku, i-Drum ukuthi ukholwa ukuthi indawo ayidlala ku-Generations: The Legacy iqeda imingcele ebekwa abantu kwezothando nokuba mbaxambili.

Uthe ukuthandana kwamadoda amadala namantombazane amancane akubatshazwa kodwa okwabafana abancane abathandana nosisi abadala kuba indabamlonyeni.

“Inkinga esinayo emiphakathini yethu ukuthi ukuthandana kwamadoda amadala namantombazane amancane akubatshazwa kodwa okwabafana abancane abathandana nosisi abadala kuba indabamlonyeni. Nalento yokwenza amadoda kube ngathi angoNkulunkulu othandweni kanti kumele kulingwane”, kusho uSicelo.

Uthe nomuntu wesifazane kuningi okumele akwenze makuthandanwa.

Noma ithalente lakhe ligqame kakhulu eseku-Generations: The Legacy kodwa akamusha kwezokulingisa njengoba eseke wadlala kwi-season yesithathu ye-Unmarried eqoshwe i-Ferguson Films futhi useke wabonakala emdlalweni obobuniswa ku-Netflix.

Etshela i-Drum uthe ukhule ethanda ukubuka amafilimi nokuyobuka imidlalo yesekisi uma ifikile ngakubo.

Uthe ube esegcwala uthando lokulingisa emidlalweni kamabonakude, wase enquma ukuthi enze izifundo ze-theater and performance e-Rhodes University.

Uthe indawo ayidlalayo ku-Generations: The Legacy ifana naye. “Sobabili noSamkelo siyefana. Mina into mangiyifuna ngiyayilwela. Ukudlala lendawo kube ithuba elihle futhi kuyangithokozisa ukubona ababukeli beyithakasela”, kuphetha uSicelo.

UMKHAYA

Ukuze ukhangise ezikweni lethu elidlondlobalayo, sithinte ku - 079 523 9786 noma kuleli kheli le-email elithi - editor.umkhaya@gmail.com