Ukusha kwamafemu okwadala inhlupheko eMandeni
Ngu Godfrey Siyabonga Dube
MPHAKATHI wakithi nawe kumele sihlale sihlale sibakhumbuze abantu nomphakakathi mayelana nokubaluleka kokuvota kahle ngo-2026.
Ukusha kwamafemu kwadalwa ilabo ababengomeya, lokho kwenzakala amahlandla amabili, ngenkathi kusaphethe uMagwaza nangesikhathi kusaphethe uZulu.
Lokhu kwadala inhlupheko esiyibona siphila ngaphansi kwayo kuze kube yinamhlanje, babeteleka ngoba khona laba kwakufanele bakhishwe ezikhundleni ngenxa yenkohlakalo nokungathuthuki kweMandeni.
Laba babengamakhansela noma izimeya ze-ANC; izinkampani ezinjengo-Hesto zivaliwe eMandeni zathutha, kanye nezinkampani eziholela kangcono zonke zahamba. Labo ababehlela leziteleka iningi labo bayasebenza kamasipala waseMandeni, iningi labo benza imisebenzi ejwayelekile, kuthi labo ababefaka imali ukuthi belwe nalabaholi befuna kungene iqeqebane labo abanye basekhona kulomasipala bayizikhulu abanye babongwa ngezikhundla zokuphatha abanye.
Bonke basuka ku-ANC, balwa izimpi zabo besebenzisa umphakathi kodwa kwazuza indlanzana.
Khumbulla ukuthi i-ANC ivele inamaqeqebane ngaphakathi okudala ukuthi bebange izikhundla abatshalwa kuzona kuhulumeni ikakhulukazi kuhulumeni wasekhaya. Lamaqembuqembu engenza noma yini ukuvikela labo abatshalwe ezikhundleni ngisho ngabe batholakala besenkohlakalweni engakanani.
Yazini ukuthi izinkinga zethu eMandeni zidalwa obani futhi kumele nenze iqiniso kulokhu nivote kahle, ama-China ayohlezi esixhaphaza ngoba bathule ngamabomu. Azikho izinkampani ezifisa ukuzotshala eMandeni ngenxa yabo.
Kumanje umuntu owayeyimeya ungusomlomo khona kulomkhandlu kodwa kwashiswa inqwaba yamafemu ngenxa yakhe, lokho akusuki kimi kukhona ngisho emibikweni yasemaphepheni anjengo-Sunday Times. Ngena ku-Google zokubona, bonke labantu ababuyisela iMandeni emuva ANC ivele ibagixabeze ngama ngezikhundla eziphezulu. Ukufakazisa ukuthi inamandla ukudlula labo abayivotelayo.
Bonke labantu enibabona kamasipala abanye iningi lalifaka imali kulezi teleka ukuze kungene bona ezikhundleni bekwazi ukweba.
Ngingakhohlwa, nivote ngokuhlakanipha.

