Limiswe ngezinsolo zokufa komuntu ikhansela le-ANC eMandeni
I-ANC esifundazweni saKwaZulu-Natali isimise ikhansela layo kumasipala waseMandeni, uMnuz. Sphesihle Ntuli ngezinsolo ezibucayi ezithinta ukufa komuntu.
UNtuli obeyikhansela ku-ward 17 usolwa ngokuhlukumeza amalungu omphakathi, ukudlwengula nokushaya abantu.

Esithombeni: Isitatimende se-ANC
Esigamekweni sakamuva ushaye kanzima umuntu abemsola ngokumntshontshela. Umuntu lo usindile esigamekweni sokushawa, wase enyamalala engaziwa. Kuthe mahlayeni kwatholakala isidumbu sakhe sesonakele. Kwaphoqeleka ukuthi kwenziwe ulibofuzo ukuthi kuqinisekiswe ukuthi uyena.
“Isinqumo sokuxosha ikhansela sithathwe ngokucophelela futhi sigcizelela ukuzimisela kwe-ANC ekubekeni umphakathi phambili”, kusho isitatimende se-ANC.
Leli qembu lithe lifuna ukuqinisekisa abantu baku-ward 17 ukuthi lizoqhubeka nokubalethela intuthuko.

