Izindaba

Kuboshwe obeshushumbisa izidakamizwa kweyabadla izambane likapondo eMhlanga

EMUVA kokuncinzwa indlebe ngezithandani okusolwa ukuthi zihlangene ngobugebengu, amaphoyisa ophiko lwe-Durban Flying Squad, abe esehlangana nawe-SAPS Economic Infrastructure Task ne Provincial Firearm and Drug Unit banikele endaweni yabadla izambane likapondo eMhlanga.

Amaphoyisa athole ukuthi kunowesilisa oneminyaka engamashumi amathathu nambili (32) ohlala nentombi yakhe e-Ilala Ridge. Laba bobabili bakhokha u-R25 000 njalo ngenyanga yize kuvele ukuthi abasebenzi futhi abanalo ibhizinisi elibhalisile.

Amaphoyisa abe esenza uphenyo oluholele ukuthi ahlangane anikele khona kulendawo abahlala kuyona.

Isoka lalo wesifazane libhadanywe ipakisha izidakamizwa ebeziyodayiswa.

Kusolwa ukuthi liyazenza izidakamizwa bese lizidayisa nezinye izimpahla ezingombombayi.

Endlini kutholakale impuphu ye-cocain, rock ne mandrax okungabiza ngaphezu kuka-R100 000.

Isaka nesaka le-cocain ebeline-logo yendoda eseqhweni libizabu-R400 lilinye.

Amaphoyisa abesehlanganise ulwazi athola ukuthi amakhasimende abo amaningi abantu abahamba izindawo zokujuxuza ezisenkabeni yedolobha laseMhlanga, futhi okuyintsha kakhulu.

Njengamanje umsolwa ugcinwe esiteshini samaphoyisa esise-Durban North. Kuvele ukuthi unokuxhumana nongqondongqondo abashushumbisa izidakamizwa abasanda kuboshwa e-Phoenix.

Uzobhekana namanye amacala okuxhaphaza i-Firearms Control Act emuva kokutholakala kwezibhamu zakhe zibekwe budedengu emotweni.

UMKHAYA

Ukuze ukhangise ezikweni lethu elidlondlobalayo, sithinte ku - 079 523 9786 noma kuleli kheli le-email elithi - editor.umkhaya@gmail.com