Zenziwani izibhamu ezingaka ezintshontshwa ezinhlakeni zezokuphepha kuleli?
KUYAKHATHAZA ukucosha imibiko yokuntshontshwa kwezibhamu ezinkanjini zamasosha kanye naseziteshini zamaphoyisa okuyizindawo okulindeleke ukuthi zibe ngezigadwe ngeso lokhozi.
Kuyaziwa ukuthi ubugebengu budlangile eNingizimu Afrika futhi kubukeka uhulumeni esabhekene nenselelo ekulweni nabo. Ubugebengu okubikwa ngabo nsuku zonke emazikweni ehlukene ezindaba obokubulawa kwabantu, ukubanjwa kwenkunzi kwabantu namabhizinisi, ukugqekezwa kwemishini yokukhipha imali (ATM’s) nokuphangwa kwezimoto zemali. Konke lobugebengu kwenziwa ngezibhamu.
Muva nje kusanda kubonakala i-video esabalale ezinkundleni zokuxhumana ebitshengisa ukwebiwa kwezibhamu zombutho wasemanzini i-SA Navy (SAN) enkanjini yamasosha ese-Simon’s Town e-Eastern Cape.
Yize ihhovisi lezoxhumana kulo mbutho likuphika lokhu kodwa amaphoyisa akuqinisekisile ukuthi aphenya icala lokuntshontshwa kwezibhamu emahhovisi e-Institute for Maritime Technology (IMT), engaphansi kwe- Armscor, enemathala okugcina izikhali ezinkanjini ze-SA Navy.
Zingamashumi amathathu nesishiyagalolunye (39) izibhamu ezintshontshwe ezinkanjini zamasosha e-SANDF ngonyaka wezimali ka-2019/20, okuhlanganisa ezingama-R1, R4 nama-9mm.
Umbiko wocwaningo oluthulwe iqembu lezepolitiki i-FFPlus, luveze ukuthi kuntshontshwe izibhamu ezingamashumi amane nambili (42) ezinkanjini zamasosha phakathi kuka 2019 kuya ku-2023 ezingamashumi amathathu nantathu (34) kuzo bekungama-R1 nama R4. Kulowo mbiko kuphinde kwavela ukuthi kuntshontshwe izinhlamvu ezingaphezu kuka-3000.
Izibhamu eyishumi nesishiyagalombili (18) zintshontshwe e-Tek Base e-Centurion ngoZibandlela (December) 2019 ngenhlanhla lezo zibuye zatholakala.
Kunezibhamu ezintshontshwe ethala lezibhamu kwenye yezinkambu zamasosha ngoNtulikazi (July) 2016 ezihlanganisa ama-Uzi submachineguns, ama- hand grenades angamashumi ayisikhombisa (70), izibhamu ezimbili (2) ezinkulu nezinhlamvu.
Ekuqaleni kwalonyaka amathimba amaphoyisa, uMzinyathi District Task Team, Newcastle Public Order Policing, Pietermaritzburg Flying Squad nezinye izinhlaka zokugcinwa komthetho zibophe abasolwa abatholakale nezimpahla zombutho wamasosha okuhlanganisa izivikelanhlamvu, iziqhumane zasezimayini, umfaniswano wamasosha, izibhamu ezingekho emthethweni, nezimoto ezintshontshiwe.
Imibiko yakamuva iveze ukuthi izigebengu zigqekeze zantshontsha izibhamu enkanjini yamasosha ezomoya e-Free State, i-Bloemfontein Air Force Base, lezo zibhamu zisesezandleni zezigebengu sibhala nje.
Ngonyaka odlule i-Global Initiative Against Transnational Organised Crime (GITOC) ihlawumbisele ukuthi cishe zingu-18 000 izibhamu zombuso ezilahlekile phakathi kuka-2003 no 2013, umbutho we-SAPS wona ulahlekelwe ezingu-30 000 phakathi kuka 2003 no 2023.
Kulezi bhamu ezilahlekile kutholakale ezingu-60% kuphela. Okusho ukuthi wonke lo-40% osele usezandleni ezingafanele nokubeka umphakathi engozini yokudutshulwa ubulawe.
Amaphoyisa akwaze ukubopha kuphela abantu abangu-125 000 ngokutholakala nezibhamu nezinhlamvu ezingekho emthethweni phakathi kuka-2014 no 2023.
Ziningi ezinye izigameko zokulahleka nokuntshontshwa kwezibhamu okubikwe ngakho okunye okungafikanga kwabezindaba. Umbuzo omile ngothi zenziwani zonke lezibhamu futhi umphakathi uphephe kangakanani?

