USol Phenduka uxoshelwe ukululaza uMinnie Dlamini kuKaya 959
ISITESHI somsakazo esizinze eGoli, iKaya 959 sigcine simkhombe indlela uSolomzi “Sol’ Phenduka ngezinsolo zokululaza uMinnie Dlamini ohlelweni lwe-podcast alwenza noMcGyver “MacG” Mukwevho.
USol usebenza noMacG kule-podcast ebizwa nge-Podcast and Chill with MacG, futhi ubethula uhlelo iSizTheWorld noSizwe Dhlomo kuKaya 959.
IKaya 959 ikhiphe isitatimende ngoMsombuluko icacisa ngokuholele ekutheni imise inkontileka kaSol. Oyi-managing executive ebambile kuKaya 959, u-Dave Tiltmann ukuqinisekisile ukuthi uxoshiwe uSol emuva kokuhlaziwa kwenkontileka yakhe futhi washushiswa ngaphakathi.
“IKaya 959 ngeke iyibekezelele futhi iyeseke inkulumo eyenziwa ohlelweni lwe-podcast kaMacG lapho uSol Phenduka ayingxenye enkulu yethimba elilusakazayo”, kusho u-Tiltmann.
“Ukuphawula okuthunaza ngokobulili okwenziwa ngoMinnie Dlamini akwamukelekile futhi akuhambisani nenhlonipho okumele inikwe abesifazane. Njengomethuli wohlelo lwethu lwasekuseni ukuzimatanisa nenkulumo eyenziwa kule-podcast akuvezi lokhu esiyikho njengesiteshi, noma okulindelwe abalaleli bethu”, kusho u-Tiltmann.
IKaya 959 immisile uSol ngomhlaka-20 Ncwaba (August) 2025 yase iqalisa uphenyo lwangaphakathi nohlelo lokuqondisa ubugwegwe.
U-Tiltmann uqhubeke wathi isenzo sikaSol saphula imibandela yenkontileka aqashwe ngayo njengomsebenzi oyitoho.
“Ukuthembeka, ubuqotho, ukuzendlala nenhlonipho isisekelo okwakhelwe kuso iKaya 959. Selusa konke esikwenza emoyeni, emakhasini ethu ezinkundleni zokuxhumana nangaphandle kwasemoyeni. Sithwele emahlombe abalaleli bethu, uma kuba nephutha kufanele sithathe isinqumo”, kusho u-Tiltmann.
Uthe isinqumo sokunqamula inkontileka kaSol sithathwe emuva kokubuyekeza inkontileka yakhe njengomsakazi oyitoho kuKaya 959, “okusivumela ukuthi sinqamule noma nini izinkontileka uma umuntu esimqashile futhi odumile ebeka isiteshi ehlazweni. IKaya 959 izinikele ekubeni indawo yokusebenza ephephile, ehloniphekile futhi efanele wonke umuntu eyesekwa imibandela yezokusakaza kanye nesiko lozeneka kuwo zonke izinkundla zokuxhumana”, kuphetha u-Tiltmann.

