Kukhulu ukukhathazeka ngesimo sempilo kaMusa Khawula ejele
ISIMO sempilo kasaziwayo obhala izindaba uMusa Khawula sesikhathaze iningi labalandeli bakhe njengoba beqagula ukuthi akahlalisekile kahle ejele i-Sun City Prison.
Imithombo esondelene noKhawula oneminyaka engamashumi amathathu nantathu (33) itshele iNews24 ukuthi uthwele kanzima njengoba impilo yakhe intengantenga, usethembele kakhulu kubangani abamhambisela ukudla, izimpahla eziyisidingo sansuku zonke kanye nemishanguzo.
UKhawula odume ngokubhala noma yini ayithandayo ezinkundleni zokuxhumana ubhekene noxhaxha lwamacala ahlanganisa ukwehlisa isithunzi, ukukhipha amazwi anenzondo, ukuxhaphaza i-Cybercrimes Act necala eliseceleni lokuzama ukubulala eliqale ngo-2021.
Kusukela ngoMasingana (January) 2025 uhleli ejele njengoba zonke izicelo ze-bail abezifaka bezilokhu ziphikiswa noma zihlehliswe ngenxa yophenyo oluqhubekayo kanye nokuvela kobufakazi obusha.
Ukukhathazeka kwabantu kuqale ngesikhathi evele enkantolo i-Fochville Magistrate’s lapho kungabonakalanga enza ubuqhalaqhala adume ngabo.
Emizameni yokusiza uKhawula abalandeli bakhe basungule umkhankaso abawubiza nge-“Free Musa”, okuhlanganisa nokudayisa izikibha ukuze kuxhaswe izindleko zomthetho eseziwumthwalo omkhulu.
Nokho kube ngaphezu kwamandla njengoba lomkhankaso ubukeka ungenamdlanda futhi uhlulekile ukuqoqa imali eyanele ukukhokhela zonke izidingo zakhe.
Emalini engu-R50 000 obekuhloswe ukuthi iqoqwe, kuhlangane kuphela engu-R2000 okube yinselelo enkulu edalwe ukungakutholi ukwesekwa.
Yize kunjalo abalandeli bakaKhawula bayaqhubeka nokunxenxa ukuthi asizwe ukuthi athole impilo engcono ejele futhi athole ubulungiswa.

