Zitholwe inkampani yonogada zicashile izithandani ezibulele umuntu eShakashead
ZIBANJWE zaboshwa onogada bakwa-Reaction Unit of South Africa (RUSA) izithandani ezimbili ebezifunelwa icala lokubulala umuntu e-Shakashead ngoMgqibelo.
Ngokombiko esinawo lezi zithandani ezineminyaka engamashumi amathathu nane (34) zibhaxe uMnuz. Doctor Mphuthi phambi kwendodakazi yakhe eneminyaka eyisithupha (6) ngabo-18:30 kusihlwa esendleleni engena esangweni lomuzi wakhe ose-Shakashead.
Ziqede lapho zabaleka nendodakazi yazo eneminyaka emithathu (3), kanti uMnuz. Mphuthi ushonele emtholampilo wasoThongathi.
Umkhwekazi kaMphuthi ube esecela usizo konogada be-RUSA ukuthi bemtholele ababulali bakamkhwenyana wendodakazi yakhe ngoba esabela ukuthi bazoze bebaleke endaweni bengabe besatholakala.
Abe-RUSA babe sebeqalisa uphenyo ngalezithandani futhi asabalalisa ulwazi ngazo. Abe esethola izingcingo ebezizikhomba eGoli, Shakaskraal, Richards Bay naseMgungundlovu.
Umkhondo ugcine ubaholela emzini othile obiyeliwe ose-Shakaskraal ebesezicashe kuwo lezi zithandani, njengoba kuvele ukuthi bezisahlanganisa imali yokugibela ukuze zibaleke.
Kube sekutshalwa onogada bakwa-RUSA abayisishiyagalombili (8) kule ndawo edume ngezehlakalo ezinyantisa igazi. Bebehamba behlola imiqwaqo nemizi baze banqwamana nomuzi ohlala abantu abayishumi (10) obusolisa. Abantu abahlala kulo bebenza izinto ezisolisayo nokwenze onogada bangangabaza ukuthi lezithandani azifunayo zikuwo.
Ahlanganile angena kuwo athola lona wesifazane ephethe ingane yakhe eneminyaka emithathu. Emva kwesikhashana abe esethola umyeni wakhe ezifihle ngaphansi kwezinyanda yezingubo zokugqoka ekamelweni lokulala.
Bathe mabembopha onogada walwa nabo, kodwa bagcine bemnqobile waboshwa.
Kuvulwe icala lokubulala esiteshini samaphoyisa eMhlali ngenombolo yecala ethi: 347/08/2025.

