Amaphoyisa asetshinge phansi abasolwa ababili KwaMashu
ASEBABULELE abasolwa ababili (2) amaphoyisa aKwaZulu-Natali laphaya KwaMashu, eThekwini.
Kubikwa ukuthi laba basolwa ngamacala okugqekeza.
Impi yabo namaphoyisa isuke emuva kokube bewabone kuqala base bezama ukuwadubula.
Bathe belwa nawo anemba bafa ujuqu.
Lilodwa iphoyisa elilimele laphuthunyiswa esibhedlela. Umkhaya.co.za

