Ubonge wanconcoza uMawhoo ekhipha i-EP ethi “Amazwi Okubonga”
UMCULI wakuleli othandwa intsha, uMawhoo ubonge bonke ababambe iqhaza ekutheni akhiphe ungqambothi lwe-EP enezingoma neziyisishiyagalolunye (9).
Uchaze umsebenzi wokwenziwa kwe-EP yakhe njengemthombo wothando. Ubonge kakhulu abalandeli bakhe nasebenze nabo kulo msebenzi wonke ngomyalezo awubhale ku-Instagram.
“Lo msebenzi uwumthombo wami wothando. Ngiyabonga kuNkulunkulu nakubo bonke abantu abaseke umculo wami yonke leminyaka. Lesi isipho engininika sona. Sengathi umculo unganivundisa, unigqungquzele futhi unelaphe njengoba wenzile kimi ngesikhathi ngiwenza”, kusho yena.
Uphinde wabonga wanconzoza kubo bonke abamsizile kule msebenzi. “Ngibonga kuwo wonke umuntu engisebenze naye kule-EP”, kusho yena.
Phakathi kwabaculi asebenze nabo kubalwa uNkosazana Daughter, Zee Nxumalo, Deep Sen, DJ 2K, DJ Veek, Child Dadj, Sykes, Mthandeni SK nabanye.
Ingoma okuqanjwe ngayo i-EP ethi Amazwi Okubonga kuyezwakala ukuthi kuthathwe isikhathi yenziwa njengoba uma uyidlala ithi ngiphinde kanti injalo ifuna sengathi ungathi ukunyakaza.
Sezizonke izingoma azenze nabaculi abehlukene zinomsindo ohambisana nabo kodwa kuyezwakala ukuthi zinesigqi sakhe uMawhoo. Abantu abathanda umculo ophekwe kuleli kumele babe nayo le-EP.
Ezinye izingoma ongazithokozela kuyo ezithi, Umkhuleko, Bengicela, Umona, Amandla, Mina, Wethu, Sesamukela, Imenemene nethi Lilizela.

