EZOMPHAKATHIIzindaba

Unya induna iphazamisa intsha ezama impilo ngokulima KwaNxamalala

BASAXAKEKILE ngokumele bakwenze abafana abancane basebukhosini bakwaNxamalala, eNkandla ngaphansi kwebamba nduna uZuma abamsola ngokuba nonya emuva kokuyalelwa ukuba bevale amanzi abachelela ngawo izivande zabo ezikuleyandawo engaphansi kukamasipala wesifunda i-King Cetshwayo.

Ngokusho kukaSabelo Magwaza owumholi walabafana abayishumi (10) abaziphilisa ngokulima, bebehlezi bebizelwa enduneni, abanye ozakwabo bebhaxwa kanzima ngoba besolwa ngokweba endaweni.

Uthe lokhu bekudalwa ukuthi bebezihlalela ngamaqoqo ezitolo, bezibhemela okuholele ekutheni kuthiwe yibo abagqekeza imizi yabantu njengoba bese kuvame ukuthi kungene amacala okugqekezwa kwemizi yabantu emphakathini.

“Akufikanga kahle lokho kithi ngoba sikhule khona kule ndawo, akukaze kube nezigameko zezidakamizwa nezokugqekezwa kwemizi yabantu”, kusho uSabelo.

“Sibe sesithatha isinqumo sokuthi asiqoqane nabafana sibone ukuthi kungenziwa njani. Savumelana ngokuthi silime ngoba vele endaweni into eyenziwayo. Kunabantu abangabeSuthu abese bengenise endaweni bethenga izimbongolo. Sibe sesibahlanganisela izimbongo laseSuthu sabadayisela.

“Sibe sesicela indawo komunye wesifazane onguSandile Bhengu, wangaba nankinga kwazise unensimu enkulu engalinywa. Uthe asizame ukuzitholela amanzi, singawasebenzisi lawa omphakathi”, kusho uSabelo.

USabelo uthe bathathe imali okuthengwe ngayo izimbongolo bathenga amapayipi angama-roll amahlanu (5), bathenga nenjini yamanzi. Baphinde baboleka ithanki lamanzi kubaba wasendaweni naye ongumlimi, noma belivuza kodwa bazamile ukuliphesha babambisa ngalo.

Uthe izinkinga zabo ziqale ngesikhathi umsebenzi wabo sewesekwa ikhansela le-ward, alibize ngoNkwanyana elifike labancoma lase libanika elinye ithanki lokugcina amanzi.

“Emuva kokusizwa ikhansela kube sekuqala izinkulumo zokuthi umphakathi awunawo amanzi aphelele, ayivalwe lengadi yethu nokuyinto esithuse kakhulu.

“Sithe sizwa kwathiwa sekuthathwe isinqumo sokuthi asikhiphe ipayipi lapho esidonse khona amanzi futhi lingashoni ilanga. Sikwenzile lokho izitshalo zethu zangachelwa.

“Kube sengathi iyakhulunywa lendaba sabizwa enduneni, kwaxoxwa nesigungu sayo indaba yaphola, saphinde saxhuma sakwazi ukuchelela.

Uthe bathukile uma ngoLwesithathu sekukhulunywa nomnikazi wendawo kuthiwa akavale le ngadi elinywe endaweni yakhe.

Ngokuchaza kukaSabelo inkinga idalwa ibamba nduna uMnuz. Zuma, okuwuyena ophehla lonke lolu zwathi lokuthi bephazamiseke futhi kuvalwe nomsebenzi wokulima abawenzayo.

Kuthiwa uZuma uke wabiza umhlangano emphakathini obubhunga lona lolu daba. Babuziwe abantu ukuthi bawathola kahle yini amanzi, iningi lithe liwathola kahle kwathi abambalwa bathi bona abawatholi. UZuma ube esethi akuvalwe ingadi yabafana, wathi abantu abalime ndawonye.

USabelo uthe okwamanje badidekile kodwa bathemba ukuthi kuzoba khona ukukhanya kwazise imnyango; owezolimo nowezokuthuthukiswa komnotho esifundazweni isitsheliwe ngabo futhi yathembisa ukungenelela.

UMKHAYA

Ukuze ukhangise ezikweni lethu elidlondlobalayo, sithinte ku - 079 523 9786 noma kuleli kheli le-email elithi - editor.umkhaya@gmail.com