EZASEMGWAQENIIzindaba

UDuma uzongenelela noMkhwanazi ukuqeda impi yegazi kwabe e-hailing nosomatekisi

UMPHATHISWA wezothutha esifundazweni saKwaZulu-Natali, uMnuz. Sboniso Duma usethembise ukulusukumela udaba lombango womzila ophakathi kosomatekisi nabashayeli bezimoto ezikhokhelwa ngebanga ezilihambile (e-hailing).

Lo mbango osunesikhathi eside usuholele ekudutshulweni kufe inqwaba yabantu.

Isigameko sangoLwesithathu lapho kudutshulwe khona uMhlengi Mfeka esigcemeni sakwa-KK kwaDabeka, yiso esinyakazise uDuma.

Ngokombiko esinawo, ekupheleni kukaNhlaba umfowabo kaMhlengi, uThamsanqa unyamalale amasonto amabili watholakala esebulewe.

“Ngifuna ukuqinisekisa ukuthi ngizosebenzisana nomkhuzi wamaphoyisa KwaZulu-Natali, U-Lt. Gen. Nhlanhla Mkhwanazi ukugcina ukuthula nozinzo”, kusho uDuma.

Uthe abe-eHailing Council uxhumanile nabo futhi baphuthume baya esiteshini samaphoyisa esiKwaDabeka ukuze behlangabe nemindeni yezisulu.

“Ubuholi bale nhlangano buthembise ukuthi buzosebenzisa nami nezinye izinhlaka ukuqinisekisa ukuthi asikuboni okunye ukuchitheka kwegazi nokwanda kwalezingxabano”.

Uthe useyalele i-Oparation Shanela ukuthi isebenze nezinye izinhlaka zomthetho ngenhloso yokugwema izigameko ezifana nesenzeke eMaponya Mall emasontweni edlule.

Uthe isigameko sokudubulana kwayizolo sizovusa amanxeba abesephola ezihlotsheni zikaMthokozisi Mvelase odutshulwe washiswa emotweni eGoli.

Esithombeni: Yashiswa yawumlotha kanje imoto kaMthokozisi Mvelase, washa wangqongqa ephakathi eMaponya Mall eGoli

“Ngisebenzisana nomethuli wesiphithiphithi sasemgwaqeni, u-Ayanda Msweli ne-eHailing Council, i-Provincial Regulatory Entity (PRE) nezinye izinhlaka ukuqinisekisa ukuthi kunokusebenzisana phakathi kosomatekisi nabe e-hailing.

“Bonke labashayeli bawumgogodla wohlelo lwezokuthutha umphakathi. Njengomnyango sifuna ukuqinisekisa ukuthi bonke bahamba emizileni ngokukhululeka futhi bayazuza emathubeni omnotho akhona”, kusho uDuma.

Uthe bazolokho behlala imihlangano nezinhlaka ezehlukene ukwakha imigomo i-ehailing ezosebenza ngaphansi kwayo. “Siyazi ukuthi okwamanje kunokudideka ngemizila nezimvume zabe e-hailing”, kusho uDuma.

“Ingakho ngoMasingana, kuwona lonyaka ngayalela i-PRE ukuthi ibe nemihlangano eqhubekayo nabe e-hailing Council esifundazweni kanjalo nabamele i-Bolt ne Uber. Lemihlangano izoba khona kuze kuqale ukwenziwa kwemithetho ezolawula ukusebenza kwabe e-hailing”, kusho yena

Esithombeni: Elinye lamatekisi ashiswa abagibeli ababethukuthele ngokubulawa kukaMthokozisi Mvelase eMaponya Mall eGoli

Sifuna ukwenza okuzozuzisa abe-ehailing, osomatekisi nomphakathi wonke.

Uthe umthetho omusha uhlinzeka ungqongqoshe wezokuthutha amandla okunquma amanani akhokhwa ezimotweni ezikhokhelwa ngebanga ezilihambile.

“Sifuna abashayeli bengenise imali enhle futhi ngakolunye uhlangothi amalungu omphakathi kufanele kuqikelelwe ukuthi aphephile, futhi asebenzisa izithuthi zomphakathi ezingabizi futhi ezithembekile”, kuphetha uMnuz. Duma

UMKHAYA

Ukuze ukhangise ezikweni lethu elidlondlobalayo, sithinte ku - 079 523 9786 noma kuleli kheli le-email elithi - editor.umkhaya@gmail.com