EzosaziwayoIzindaba

Iyabuya ku-TV i-Awkward Dates ka Lasizwe emuva kombango no Dominic Zaca

UNONTANDAKUBUKWA ophinde abe ngumethuli wezinhlelo, uThulasizwe “Lasizwe” Dambuza usememezele ukuthi lubuyela kumabonakude uhlelo lwakhe oluthi “Awkward Dates” abekhuluma kulo nosaziwayo abehlukene.

Usho kanje ngoLwesibili, mhlaka-26 Ncwaba (August) 2025 ekhasini lakhe le-Instagram. Ubhale kanje: “QAGELA UBANI OBUYAYO KU-DSTV?? ISIPESHELI SOHLELO LWE-AWKWARD DATES kuMzansi Magic”.

Lolu hlelo belubalwa neziyisishiyagalombili (8) ezihamba phambili ku-YouTube futhi luphakathi kwezinye ezingama-podcast ezamenyezelwa i-DStv ukuthi zizovela eziteshini zayo ngenhloso yokunika ababukeli i-content ehlukile nethandwa intsha.

Lube selubhekana nezinselelo ngesikhathi uLasizwe esesolwa ngokungakweleta isivakashi imali.

Ekuqaleni kwalonyaka kube nemibiko eminingi ebithi kuphoqeleke ukuthi kunqanyulwe inkontileka abenayo ne-Multichoice ngenxa yokuhuduleka kwegama layo phansi esolwa omunye unontandakubukwa owayeyisivakashi ohlelweni, u-Dominic Zaca ngokungamkhokheli imali eyisivumelwano.

“Ngesikhathi sekunomsindo, uLasizwe utatazelile wacela i-Multichoice ukuthi iyinqamule inkontileka abanayo. Ubelokhu ebazisa abalandeli bakhe ngenselelo anayo ngokomqondo, ngakho ngesikhathi kwenzeka lokhu wakhetha ukuthula”, kusho umthombo.

UZaca yena owaziwayo ngokuzikhulumela wayengathule ngalolu daba, ehlezi ebhala kumakhasi akhe ezinkundleni zokuxhumana efuna izimpendulo kuLasizwe ne-Multichoice.

Ubelokhu ethi uLasizwe umkweleta imali obekumele ayithole abakuxoxe ngaphambi kokuqopha isiqephu se-Awkward Dates futhi ekhala ngokuthi uphule isivumelwano senkontileka abasenza ngomlomo nesibhalwe phansi.

UMKHAYA

Ukuze ukhangise ezikweni lethu elidlondlobalayo, sithinte ku - 079 523 9786 noma kuleli kheli le-email elithi - editor.umkhaya@gmail.com