EZEMIDLALOIzindaba

“Bekumele siyidle i-Sundowns” – Nabi

UTHI kukhona lapho abayilahle khona umqeqeshi we-Kaizer Chiefs, uNasreddine Nabi okholwa ukuthi bekufanele bewunqobe umdlalo wabo neMamelodi Sundowns.

“Kuyiqiniso ukuthi kube nokuphithana kwezinto ngoba sikholwa ukuthi bekufanele sihambe namaphuzu amathathu kulo mdlalo”, kusho uNabi ku-Supersport TV.

“Sidlale kahle kakhulu. Sinakho ukuzisola ngokungawatholi amaphuzu amathathu namahla (ngoLwesithathu), kodwa sizokusebenza lokho sibheke phambili.

“Ngesiwombe sokuqala sithwale kanzima kodwa kodwa besifuna ukubanika umdlalo ngoba siyazi ukuthi abasilo iqembu eliwuphetha kahle umdlalo”, kusho yena.

Uthe bawatholile amathuba kodwa bangawasebenzisa.

Lo mdlalo uphele zibambene ngeqanda, ngapha nangapha.

UMKHAYA

Ukuze ukhangise ezikweni lethu elidlondlobalayo, sithinte ku - 079 523 9786 noma kuleli kheli le-email elithi - editor.umkhaya@gmail.com