EZEMFUNDOEZOMPHAKATHIIzindaba

Owe-EFF uxhase nge-WiFi i-internet cafe ezosiza abafundi mahhala eMacambini

UKUQONDA kabanzi ngobunzima bokuthola izinsiza ezilekelela abafundi ngobuchwepheshe ezindaweni zasemakhaya kwenze uMnuz. Sya Mdletshe, oyikhansela le-EFF kumasipala waseMandeni waxhasa ngokuxhunywa kwe-WiFi enkampanini, iKhulathotho Trading, ehlinzeka ngosizo lwe-internet cafe eNyathini, eMacambini.

Nakuba bekuvele kuyibhizinisi eliwusizo emphakathini wakuleya ndawo, kodwa uxhaso lukaMdletshe luzobamba iqhaza elibonakalayo emfundweni yezingane njengoba abafundi sebezokwazi ukusebenzisa i-internet mahhala kusukela ngomhlaka-1 Mandulo (September) 2025.

“UNgomane uze kimi wenza isiphakamiso sokuthi njengoba indawo engisebenzela kuyo iphakathi kwezikole, ucela ukulekelela ukuthi kuxhunywe i-WiFi bese izingane zenza mahhala ucwaningo neminye imisebenzi yesikole edinga ukuba zingene ku-internet”, kusho uMnuz. Sphetho Mathaba ongumnikazi wale-internet cafe.

Esithombeni: Imininingwane ngemisebenzi eyenziwa i-internet cafe kaMnuz. Sphetho Mathaba

Utshele UMKHAYA ukuthi uvumele phezulu uma ethola ithuba lokuxhaswa kwalomsebenzi wakhe ozohamba ibanga elide ukuthuthukisa imfundo yezingane ezimpisholo.

“Kusukela mhlaka-1 Mandulo 2025 abazali abaseduze bangabe besazixaka kakhulu ngokwenzisa izingane zabo umsebenzi odinga i-internet nokucwaninga, bebathumele ngapha.

“Ngisho nabafunda ezikoleni ezingama-primary, abangakaze bewasebenzise ama-laptop sizobasiza ngesineke nabo ukuze bethole ulwazi abaludingayo”, kusho uMathaba.

Phakathi kweminye imisebenzi eyenziwa i-internet cafe kaMathaba, kubalwa ukusiza ababhalisa nababheka izikhala zokufunda ezikhungweni zemfundo ephakeme, ukufaka izicelo zoxhaso lokufunda, ukubhalisa inkampani, ukubhalisa nokwenza amafayela akwa-SARS nokunye okuningi.

UMathaba uyatholakala kule nombolo ethi 063 127 7364.

UMKHAYA

Ukuze ukhangise ezikweni lethu elidlondlobalayo, sithinte ku - 079 523 9786 noma kuleli kheli le-email elithi - editor.umkhaya@gmail.com