Kuvaleliswe uqweqwe lukathisha wezibalo eMathubesizwe High School
EMUVA kokuzinikela emfundweni yezingane iminyaka eyela kwengamashumi amathathu (30), uMnuz. WP Khumalo obefundisa eMathubesizwe High School uvaleliswe ngesitayela ozakwabo emcimbini obungoLwesihlanu, mhlaka-22 Ncwaba (August) 2025.
UKhumalo ufike kulesi sikole esingaphansi kobukhosi baseMacambini, eMandeni ngo-1996 enguthisha wezibalo wagcina eseyinhloko yomnyango we-science.
Bonke ozakwabo abakhulume kulo mcimbi obusezingeni eliphezulu bebemchaza njengomuntu obewuthanda umsebenzi wakhe, ezimisela futhi enamancoko. Ubedume ngabevame ukukusho mayekhuluma ukuthi “Sure Case”.

Esithombeni: UMnuz. WP Khumalo emukela izipho kozakwabo
Ozakwabo bambonge kakhulu ngomnikelo wakhe emfundweni. “Sibonga ngakho konke okwenzile, nasekunikeleni emfundweni yongane emnyama”, kusho ozakwabo.
Umcimbi wokuvalelisa uMnuz. Khumalo oseyothatha umhlalaphansi ubusiswe ngomculo ohlabahlosile we-choral obuqhululwa uDkt. BF Mpanza naye oke waba nguthishanhloko eMathubesizwe.
Phakathi kwabanye abantu abebehambele lomcimbi, ikhansela lakwa-ward 9 ngaphansi kukamasipala waseMandeni, uMnuz. Simphiwe Thwala nabanye abaholi bomphakathi.
Ngasemaphethelweni omcimbi ozakwabo badlulise izipho aseyobakhumbula ngazo, emuva kwalokho kube sekudliwa, ingoma yaqhuma phezulu kwadanswa kanjeya.

