Kutholakale owesifazane eseshonile ehhotela elise-South Beach, eThekwini
BATHUKE koma nasozwaneni abasebenzi basehhotela, i-Balmoral Hotel ese-South Beach eThekwini, emuva kokutholakala kowesifazane eseshonile kwelinye lamagumbi ngoLwesine.
Ngokubika kwentatheli, uPhila Mthembu Duma leli gumbi atholakale kulona lona wesifazane beliqashwe ngegama lomuntu wesilisa.
Lona wesifazane utholwe abasebenzi basehhotela abaye kobheka ngoba bebona kuhamba isikhathi kungaphumi muntu kuleli gumbi yize bese sedlule isikhathi sokuphuma.
Utholakale elele phansi, kukhona umakhalekhukhwini wakhe eduze kwakhe.

