EZIKAMABONAKUDEIzindaba

I-Black Gold izamazamisa i-TV ngezinsepha zabalingisi

SIYAQHUBEKA nokulethela ababukeli baso ungqambothi lwemidlalo ewuchungechunge isiteshi sikamabonakude, i-BET njengoba kuthe ngoMsombuluko, mhlaka-18 Ncwaba (August) 2025 sethula i-Black Gold edidiyelwe kuleli.

Lo mdlalo oqoshwe ezifundazweni ezimbili iKwaZulu-Natali neGauteng uxoxa indaba ngomshikashika wabadume ngama Zamazama – abamba igolide ngokungemthetho.

Ugxile kakhulu kwizingxabano zemindeni, ukungathembeki nonya. Okunye okuzobonwa ababukeli kuwo iziqephu ngezimo zempilo abazejwayele empilweni yansukuzonke kodwa ezixoxwa ngobunyoninco, okwenza uhluke kweminye.

Phakathi kwabanye abalingisi abaqavile abavela kulo mdlalo kukhona u-Dawn Thandeka King noSello Maake KaNcube asebemnkantshubomvu kwezokulingisa futhi abenze lo mdlalo waheha zisuka.

U-King udlala indawo ka-Florence Zungu ongowesifazane osatshwayo bese kuthi uMaake KaNcube yena udlala indawo ka-Tom Motspe oyisigwili sezimayini esinezinkinga zomjolo futhi esihaqwe ifu lomlando waso omubi.

Omunye umdlali onyakazisa lomdlalo umlingisi ophinde abe ngumethuli wezinhlelo, uNomalanga Shozi odlala indawo ka-Amandla Zungu ongene shi kulo mshikashika wama Zamazama.

Esithombeni: Imininingwane nesikhathi i-Black Gold etshengiswa ngaso ku-BET

U-Amandla ongowesifazane ophila ngenhlonipho futhi ngemigomo eqatha uzithola engena kulomshikashika emuva kwesimo esaguqula isimo impilo yakhe unomphela.

Ekhuluma nephephabhuku, i-TrueLove uNomalanga uthe indawo ayidlala ku-Black Gold ihambisana nse nempilo ayiphilile. “Ngicabanga ukuthi ekuqaleni ungenalutho uze ube notho ikho kanye lokhu okwenzeke kimi. Futhi Ngicabanga ukuthi ufike ngesikhathi esikahle empilweni yami, lapho sengibone ngokwanele izimo zempilo kangangokuthi sengingakwazi ukutshengisa imizwa yengidlule kukho ngoba nginenkolelo yokuthi izimo esidlula kuzo empilweni ziyasifundisa”, kusho uNomalanga.

Uthe kumthokozisa kakhulu ukugudlana amahlombe nezinsepha ezifana noMaake KaNcube noDawn Thandeka King. “Kuyinto eyigugu kakhulu esengike ngayizwa empilweni yami. Angikwazi nokuyichaza.

“Vele indawo engiyidlalayo inezinselelo futhi ukudlala indawo enkulu kuyinselelo eyisimanga kodwa njengeciko kuhle ngoba bakhona abantu abangomakadebona okwazi ukuthola ukugqugquzeleka kubo futhi ufune kubo izeluleko uma ufikelwa ukwesindwa”, kusho yena.

I-Black Gold edidiyelwe i-Brai Brain Pictures idlala phakathi nezinsuku ngokugamanxa kwehora lesithupha (18:30) kusihlwa. Ungaphinde ubuke impinda yawo ngokugamanxa kwehora lesishiyagalolunye (21:30).

UMKHAYA

Ukuze ukhangise ezikweni lethu elidlondlobalayo, sithinte ku - 079 523 9786 noma kuleli kheli le-email elithi - editor.umkhaya@gmail.com