Uthi amadoda akuleli amphendule istabane uSimphiwe Dana
UTHUSE abaningi umculi we-afropop uSimphiwe Dana ngesikhathi edalula isizathu esimenze waguqula ubulili bakhe njengoba esethandana nabanobulili obufanayo nobakhe.
UDana ungomunye wosaziwayo bakuleli abashintshe isigubhukane bazisa abalandeli babo ukuthi sebeguqule ubulili babo.
Ubhale ku-X ngaboLwezi (November) 2022 esho ukuthi useyistabane futhi uzoshada maduze noPumeza Matshikiza. Utshele abalandeli bakhe ukuthi akaze athokoze ebudlelwaneni abe nabo namadoda. Uthe uyazi ukuthi e-Afrika bazomvala, kodwa emuva kokucabanga kanzulu ngalokhu usekahle.
Emuva kwalokho ubesebonakala njalo efaka izithombe enesithandwa sakhe uPumeza.
Muva nje uDana onezingane ezimbili (2) utshele abalandeli bakhe ukuthi kungani eseyistabane. Uthe akagculisekile ngohlobo lwamadoda esinawo, angamane athandane nabanye besifazane.
Lokhu akushilo kuthuse abalandeli bakhe abebezitshela ukuthi wazalwa enalemizwa.
UDana ungusaziwayo ongesabi ukuveza imibono yakhe ezinkundleni zokuxhumana ngaphandle kokwesaba ukuthi angase athole ukugxekwa.
Muva nje ubhale ekhasini lakhe le-Facebook washiya angalazi ngoNomzamo Mbatha nomdlalo iShaka iLembe abebasola ngokungasho ukuthi bazithatha kuye izitayela zezinwele abazisebenzisa kulo mdlalo owuchungechunge.
Uphinde wahlala izithonto kuMusa Mseleku, wathi unokugula kokuba nepipi elincane.
Ngo-2021, uDana ubhale ku-X egxeka umengameli wezwe uMnuz. Cyril Ramaphosa ethi ungumengameli obhedayo lelizwe eselike laba naye. Uzwakalise ukuthi akaneme ngomengameli ongawanakile amaciko.

