Uthi akakucabangi ukuba nengane uLinda Sokhulu
USEQUBULE inkulumo umsindo umlingisi wakuleli osemnkantshubomvu, uLinda Sokhulu emuva kokudalula ohlelweni lwe-podcast olwenziwa uRelebogile Mabotja ukuthi akazimisele ngokuba ngumama.
Lo mlingisi oneminyaka engamashumi amane nesishiyagalombili (48) yena unombono ohlukile ngokuba umzali kunalabo abakufisa besebancane.
ULinda, odume kakhulu engu-Cleo ku-Generations phakathi kuka-2004 no 2007 uthe: “Mina angikaze ngikulangazelele ukuba nomntwana njengalaba abakulinda impilo yabo yonke kungenzeki”.
“Kunomuntu ovele athi ufuna ukuba ngumama, mina angikaze ngibe nalokho, ngicabanga ukuthi nginombono ohlukile ngokuba umama”, kusho yena.
Embuza uMabotja ukuthi esikhathini esizayo angakuthokozela yini ukukhulisa abantwana, uLinda kazange ananaze, “Uma kufanele ngikwenze lokho, kokwenzeka. Akuyo into enginomuzwa wokuthi kukhona umonakalo engawenza empilweni yami uma ingenzekanga. Ungawuzwa kanjani umonakalo ngento ongayazi vele”, kusho yena.
Ukhuluma kanjena nje ziyehla izibalo zokuzalwa kwezingane kuleli.
Ngokweziko lezindaba, i-Briefly News, ngo-2005 isibalo sokuzalwa kwezingane kuleli lalingu-18.5% nokwehle ngo-1.32% ngo-2024 kwaba u-17.1%. Nabe-Statistics SA bathe sehlile kakhulu isibalo sokukhulelwa kwabantu kuleli futhi kulindeleke ukuthi abesifazane babe nezingane ezimbili noma eyodwa empilweni yabo okungabangelwa izizathu ezehlukene.

