Igijima ku-2 million ngokubukwa ku-Spotify eka-Nasty C no K.O.
ITHAKESELWA naphesheya kwezilwandle ingoma ka-Nasty C no K.O. ethi Too Much ehamba yodwa ngokubukwa enkundleni yomculo ehamba phambili emhlabeni wonke, i-Spotify njengoba kumanje igijima ku-2 million (views).
Le ngoma ebukwa kakhulu ezinkundleni zomculo ezehlukene ishisa izikhotha nasezindaweni zokujuxuza nalapho kushawa khona i-chillaz.
Ingezinye zezingoma ezingenisile endimeni ye-Hiphop kusukela ngo-2024.
Ukuhlangana kuka-K.O. wodumo lwemidlalo ethi Caracara no Nasty C ongumculi wokuqala kuleli ukuba nama-views angaphezulu kuka-100 million ku-Spotify ikhona okuyibeke kuleli zinga lengoma.
Ikhono lalabaculi, ukwenza into egqamayo, nokuba nomndlandla ovusa usinga kubalandeli bomculo ikhona okwenze ingoma ethi Too Much yaba nkulu.
Lokhu akukhona nje ukuhlabana kwalezi ngwazi zomculo kuphela kodwa okwawo wonke umphakathi we-Hiphop kuleli okuwubufakazi bokuthi umculo waseNingizimu Afrika awusilo nje igugu labengabadi kuphela kodwa usungumnikelo womhlaba wonke.
*Umthombo: www.hiphopmag.co.za

