IzindabaUmculo

Ichwane LikaPhuzekhemisi lihamba ezinyathelweni zikayise

UMCULI kamaskandi uNtando Mnyandu odume ngokuthi, Ichwane LikaPhuzekhemisi uhamba ezinyathelweni zikayise uPhuzekhemisi naye ongumculi kamaskandi odumile.

IChwane LikaPhuzekhemisi lizalelwe esigodini saseMkhunya, eMkhomazi eningizimu yesifundazwe iKwaZulu-Natali, yase ikhulela endaweni yaseLovu, eThekwini.

Ithalente lakhe livele esaneminyaka eyisishiyagalombili (8) njengoba waqala ngokwenza umculo we-hiphop kepha isigingci wayesidlala engasiyekile njengoba wakhula vele sidlalwa nasekhaya.

Uhlangabezana nezingqinamba eziningi esafunda njengoba bekunabafundi ababemhleka bebukisa ngaye ngenxa yalolu hlobo lomculo abelwenza. Uthi into eyayenza lokho ukuthi vele loluhlobo lomculo belungakaqhakambiswa kakhulu.

Ukuqala kwakhe ukuqopha akubanga inkinga njengoba ubesafika kulendima, ubelalela abakushoyo bese enza njengoba besho.

Ungene kulolu hlobo lomculo ngoba engafuni ukuqeda umlando wasekhaya njengoba nomkhulu wakhe wayenza lolu hlobo lomculo.

Kwezinye izingoma useke wasebenza naye ubaba wakhe kanjalo noMbuzini Mkhize.

Isifiso sakhe ukuba asebenze neNkosi yamaGcokama, Bahubhe, Ithwasa Lekhansela no Mzukulu.

Amacwecwe aseke wawakhipha, waqala nge nge-double track walandelisa nge-double album enesihloko esithi Inkomo Edla Yodwa.

Kulonyaka ukhona umsebenzi aphezu kwawo ozophuma maduze.

Akakhohlwanga ukubonga ubaba wakhe uPhuzekhemisi okudala emeseka kulendima kanjalo nakubalandeli bakhe abawe bevuka naye.

Kulabo abadinga ukumema lomculi bangamuthinta kule nombolo ethi 063 308 6172 nakuleli kheli le-email: mnyanduntando2@gmail.com

UMKHAYA

Ukuze ukhangise ezikweni lethu elidlondlobalayo, sithinte ku - 079 523 9786 noma kuleli kheli le-email elithi - editor.umkhaya@gmail.com