Ubuya ngezingoma ezinamandla u-Joocy emculweni
Ngu Brian “Smile” Ngcobo
UMCULI we-afropop, uMusa Mavundla odume ngelika-Joocy uzobuya ngomfutho nomculo onamandla.
Lo mculi odabuka endaweni yase-Herbardine eMzumbe ukhule ecula kusonto sikole futhi ukhule ekhaya elinomthetho oqinile, okwamenza engatholakali ezintweni ezehlisa isithunzi sakhe.
Ukuqala kwakhe ukubona ukuthi unesiphiwo emculweni, bekuye kuthi uma kunezivakashi kubo bese ebizwa ezoziculela.
Umama ongasekho walomculi wayevele akhale uma esecula u-Joocy yize wayengakabi usaziwayo. Lokho okwakuyizinkomba zokuthi kukhona lento yokuba umculi ekuye.
Igama elithi “Joocy” bametha lona ngenxa yephimbo lakhe. Babebodwa ababethi u-Joocy Voice nababethi u-Joocy nokwagcina kuphase elika-Joocy.
Leli ciko lahlangana no-DJ Tira eminyakeni eyishumi nesikhombisa (17) eyedlule, lapho bahlangana esakwiqembu elaziwa nge-Afrosoul.
Icwecwe lakhe lokuqala lalibizwa nge-Definition Of Soul elalinezingoma eziyishumi nanhlanu (15). Ingoma eyashintsha impilo yakhe ile ethi Won’t Let You Go abayenza ngokuhlanganyela no-DJ Tira.
Zikhona izingoma asanda kuzikhipha, phakathi kwazo kukhona ethi Amandla ayenze no-DJ Tira nethi Giyamama ahambisana kuyo neqembu lama-Tycooler.
Maduze nje uthembisa ukuthi uzodedela uswazi lengoma ethi Impumelelo lapho esebenze khona noXolwa, DJ Tira, Wanna Be Nation kanjalo noDlala Thukzin ne Champmasters.
Isifiso sakhe ukuthi asebenze nabaculi bamazwe omhlaba. Ubonge kakhulu umndeni wakhe, uMbongeni Ngema ongasekho no-DJ Tira, ithimba lonke le-Afrotainment kanjalo nabalandeli bakhe.
Okunye esingakwazi ngaye ukuthi uyayisaba inyoka kanjalo nobugebengu.
Umyalezo asishiya nawo: “Ungayijahi impilo sebenza kanzima, uhloniphe abantu nomhlaba”.
Kulabo abadinga ukuxhumana no-Joocy, bengangena ku-YouTube-Joocy, Facebook-Joocy MaVundla or Joocy Music, Tiktok-Joocy6, Instagram-@Joocy_afroZ@Joocy_afrosa bookings+27697985306/08228357266 noma kuleli kheli le-email elithi-Joocy.afro@gmail.com

