EZEMFUNDOIzindaba

Umnyango kamgcinimafa eKZN uzopequlula konke ngabayizipoki kowezemfundo

UMNYANGO kamgcinimafa KwaZulu-Natali uzoqalisa uhlelo lokubala umsebenzi ngamunye emnyangweni wemfundo eyisisekelo ukuqinisekisa ukuthi uhulumeni wesifundazwe uholela abantu abawusebenzela ngempela.

Lokhu kuza emuva kokuthi ihhovisi likamncwaningi mabhuku kuzwelonke lithole ukuthi inkulu imali ekhokhelwa izipoki kulo mnyango.

Ekhuluma nentatheli ye-Newzroom Afrika, uMnuz. Francois Rogders uthe inkinga enkulu abayitholile eyothisha abaphuma emnyangweni ngokushona, ukuxoshwa nokuziyekela kodwa kuqhubeke ukukhokhelwa kwabo nyangazonke. Bese kuba izipoki zothisha abazikhokhela nyangazonke zingasebenzanga.

“Ngike ngaxoxa kabanzi nomphathiswa walo mnyango ngalolu daba, safika ekutheni ibalelwa ngaphezu kuka-R1 billion imali echitheka ngalokhu minyakayonke. Ngakho kumele kube khona okwenziwayo”, kusho yena.

Uthe indlela abazokwenza ngayo ukubala othisha, akuzukuba nje ukubala umuntu ngamunye kuphela kodwa bazosebenzisa nobuchwepheshe besimanje okuhlanganisa ne-Ai.

“Sithemba ukuthi ngaleyo ndlela sizokwazi ukuthola labothisha abayizipoki”

Uthe indlela elula nethuse abaningi yokuthola lokhu ukuthi uthisha oyisipoki akalokothi athathe ikhefu, ngakho bazoqale bebheke uhlu lothisha abangakaze belithathe ikhefu bese beqhubeka bebheka ezinye izindlela zokuthola izipoki.

Ebuzwa intatheli uRogders ukuthi ngabe ucabanga ukuthi izipoki zidalwa inkohlakalo ekhona emnyangweni noma uhlelo lwabo lwezobuchwepheshe luyahluleka ukuhambisana nezinguquko, uthe ucabanga ukuthi kuhlangene kokubili. “Inkinga enkulu isezikoleni ezisemakhaya lapho iningi lezipoki ligcwele khona.

“Inselelo yezokuxhumana inkulu lapho, okwenza abasebenzi bebone kunethuba lokwenza inkohlakalo ngoba isikhathi esiningi kuyingqinanda ukulandelela umsebenzi wasehhovisi kulezindawo”, kusho u-Rodgers.

Uthe bazobuye bebheke obunye ubugebengu obenziwa othishanhloko abandisa inombolo yezingane ezikoleni abaziphethe ukuze kube nomthamo omningi wokudla okuzolethwa esikoleni okugcina kunyamalala, futhi kungabi bikho olandelelayo ngalokho.

Uthe lokhu kubalwa kwabasebenzi kuzokwenziwa kuyo yonke iminyango.

UMKHAYA

Ukuze ukhangise ezikweni lethu elidlondlobalayo, sithinte ku - 079 523 9786 noma kuleli kheli le-email elithi - editor.umkhaya@gmail.com