EZIKAQEDISIZUNGUIzindabaUmculo

UDr. Buselaphi uzoyibhikla kwindumezulu yekhonsathi yomculo wesintu eseHluhluwe

INYANDA & Somfa Man SA ihlela inkunzimalanga yekhonsathi yomculo wesintu okuhlanganisa umaskandi ne reggae okuwumculo othanda kakhulu amarasta.

Le khonsathi ebizwa nge-Reggae Music Festival izoba ngomhlaka-1 Lwezi (November) 2025, eHluhluwe ezitolo ngase-Spar.

Abahleli bayo uSiboniso Buthelezi nethimba lakhe bathi babone lomculo wehlelwa ukuthandwa futhi ungasanikwa ithuba kumakhonsathi ekubeni awusadlalwa nasemsakazweni, base beqhamuka nomqondo wokwenza lekhonsathi.

“Ngisho nasemicimbini emikhulu abaculi abenza lomculo asibaboni. Sithe uma sibuka, sabona ukuthi ukuthi asihlele lomcimbi ukuze sivuse uthando lalo mculo kubantu”, kusho abahleli bekhonsathi.

Phakathi kwabaculi abazobe benandisa singabala u-Dr. Buselaphi. Amatshitshi Amhlophe, Thando2nd2, Dumakahle nabanye. Uhlelo luzobe luphethwe uStufuza Samabhinca kanti abantu bazophinde begqugquzelwe ukuthi bengalahli ithemba empilweni insizwa eyethula izinkulumo ezakhayo emisakazweni ehlukene, u-Brian “Smile” Ngcobo.

Kulindeleke ukuthi abantu babe ngangezimpethu zendlobu njengoba kuzobe kungenwa mahhala. Uhlelo luqala ngehora lesishiyagalolunye (09:00) ekuseni.

UMKHAYA

Ukuze ukhangise ezikweni lethu elidlondlobalayo, sithinte ku - 079 523 9786 noma kuleli kheli le-email elithi - editor.umkhaya@gmail.com