EZEMISAKAZOIzindaba

Baklomeliswe ngezindondo abenza kahle emisakazweni yomphakathi

BEKUWUBUKHAZIKHAZI bodwa emcimbini wokuqala ngqa wokuklomelisa abemisakazo yomphakathi abenza kahle, i-Commumity Radio Awards (CRA) obuseGoli ngoMgqibelo.

Beyingamashumi ayisikhombisa nambili (72) imisakazo ebithumele imingenelo kulo mcimbi obekugcwele phama kuwona.

Bekutheleke abemisakazo abebevela ezifundazweni ezehlukene kuhlanganisa i-Western Cape, KwaZulu-Natali nase-Northern Cape ukuzoba ingxenye yalo mcimbi othembisa ukuba ngeminye yemikhulu kwikhalenda yezobumnandi kuleli.

Usihlalo futhi ongumsunguli walo mncintiswano wezindondo, uMnuz. Motseki Mabuya uthe uzizwa ethobekile ngokwesekwa okungaka akubonile. “Ngithobeke kakhulu ngokwesekwa okungaka kanye nomndlandla kulo mcimbi wokuqala ngqa wezindondo.

“Lo mcimbi uwubufakazi bokuzinikela nokuzimelela kwemisakazo yomphakathi, okuyiyo edlala indima enkulu ekwakheni, ixoxe izindaba futhi ixhumanise imiphakathi”, kusho yena.

Esithombeni: UMnuz. Motseki Mabuya

Uthe inhloso yalemiklomelo ukuhlonipha iziteshi zomphakathi, ezezikhungo zezikole, namavolontiya ezweni lonke. “Lezindondo ziwukugubha amazwi agcina imiphakathi inolwazi, ijabule futhi ixhumene, kusukela kwababika izindaba kuya kubasakazi bezinhlelo abenza umsakazo ube mnandi zonke izinsuku”, kusho yena.

Phakathi kwabaklomelisiwe kuhlanganisa uSaziso Dlamini we-Radio Khwezi onqobe indondo emkhakheni we-Best Breakfast Presenter noMo Simelane we-Beezy FM okhale wemuka nendondo ye-Best Online Presenter nokuyinto eqhakambise ukukhula kwemisakazo yomphakathi esakaza ngobuxhakaxhaka bamanje.

Sebebonke abaklonyelisiwe bami kanje:

𝐁𝐄𝐒𝐓 𝐀𝐔𝐃𝐈𝐎 𝐏𝐀𝐂𝐊𝐀𝐆𝐄 – The CAMPUS, VOW 88.1

𝐁𝐞𝐬𝐭 𝐎𝐧𝐥𝐢𝐧𝐞 𝐏𝐫𝐞𝐬𝐞𝐧𝐭𝐞𝐫 – Mo Simela, Beezy FM

𝐁𝐄𝐒𝐓 𝐂𝐎𝐍𝐓𝐄𝐍𝐓 𝐏𝐑𝐎𝐃𝐔𝐂𝐄𝐑 – Lizl Van WykRadio Riverside

𝐒𝐩𝐞𝐜𝐢𝐚𝐥 𝐀𝐰𝐚𝐫𝐝 – 𝐀𝐠𝐚𝐢𝐧𝐬𝐭 𝐀𝐥𝐥 𝐎𝐝𝐝𝐬: Yandisa Dlamini, CUT FM

𝐁𝐄𝐒𝐓 𝐁𝐑𝐄𝐀𝐊𝐅𝐀𝐒𝐓 𝐒𝐇𝐎𝐖 – VOW Breakfast Show, VOW FM

𝐁𝐄𝐒𝐓 𝐁𝐑𝐄𝐀𝐊𝐅𝐀𝐒𝐓 𝐒𝐇𝐎𝐖 𝐏𝐑𝐄𝐒𝐄𝐍𝐓𝐄𝐑 – Saziso Dlamini, Radio Khwezi

𝐁𝐄𝐒𝐓 𝐌𝐈𝐃𝐌𝐎𝐑𝐍𝐈𝐍𝐆 𝐒𝐇𝐎𝐖 – The Midmorning Avenue, Thetha FM

𝐁𝐄𝐒𝐓 𝐌𝐈𝐃𝐌𝐎𝐑𝐍𝐈𝐍𝐆 𝐒𝐇𝐎𝐖 𝐏𝐑𝐄𝐒𝐄𝐍𝐓𝐄𝐑 – Isabel Potgiter, 90. 6 FM

𝐁𝐄𝐒𝐓 𝐃𝐀𝐘𝐓𝐈𝐌𝐄 𝐒𝐇𝐎𝐖 – The Midday Experience, CUT FM

𝐁𝐄𝐒𝐓 𝐃𝐀𝐘𝐓𝐈𝐌𝐄 𝐒𝐇𝐎𝐖 𝐏𝐑𝐄𝐒𝐄𝐍𝐓𝐄𝐑 – Evan Schwartz, Radio Riverside

𝐁𝐞𝐬𝐭 𝐀𝐅𝐓𝐄𝐑𝐍𝐎𝐎𝐍 𝐃𝐑𝐈𝐕𝐄 𝐒𝐇𝐎𝐖 – Enroute 962, TUT FM

𝐁𝐄𝐒𝐓 𝐀𝐅𝐓𝐄𝐑𝐍𝐎𝐎𝐍 𝐃𝐑𝐈𝐕𝐄 𝐒𝐇𝐎𝐖 𝐏𝐑𝐄𝐒𝐄𝐍𝐓𝐄𝐑 – Lukho Mkwedi Phuthi, Radio Pulpit

𝐁𝐄𝐒𝐓 𝐂𝐔𝐑𝐑𝐄𝐍𝐓 𝐀𝐅𝐅𝐀𝐈𝐑𝐒 𝐒𝐇𝐎𝐖 – Ditswa Kotleng, Mosupatsela FM

𝐁𝐄𝐒𝐓 𝐂𝐔𝐑𝐑𝐄𝐍𝐓 𝐀𝐅𝐅𝐀𝐈𝐑𝐒 𝐇𝐎𝐒𝐓 – Sandra Masiteng, Alex FM

𝐁𝐄𝐒𝐓 𝐓𝐀𝐋𝐊 𝐒𝐇𝐎𝐖 – Highway Live, Highway Radio

𝐁𝐄𝐒𝐓 𝐓𝐀𝐋𝐊 𝐒𝐇𝐎𝐖 𝐇𝐎𝐒𝐓 – Xolani Baloi, Vow FM

𝐋𝐀𝐓𝐄 𝐍𝐈𝐆𝐇𝐓 𝐒𝐇𝐎𝐖 – Late Night Journey, Radio Pulpit

𝐋𝐚𝐭𝐞 𝐍𝐢𝐠𝐡𝐭 𝐏𝐫𝐞𝐬𝐞𝐧𝐭𝐞𝐫 – Waaren Peterson, Poort FM

𝐁𝐄𝐒𝐓 𝐖𝐄𝐄𝐊𝐄𝐍𝐃 𝐒𝐇𝐎𝐖 – UCR Top 20, UCR FM

𝐁𝐄𝐒𝐓 𝐖𝐄𝐄𝐊𝐄𝐍𝐃 𝐒𝐇𝐎𝐖 𝐏𝐑𝐄𝐒𝐄𝐍𝐓𝐄𝐑 – The Weekend Joint, Bay FM

𝐁𝐄𝐒𝐓 𝐓𝐑𝐀𝐃𝐈𝐎𝐓𝐈𝐎𝐍𝐀𝐋 𝐒𝐇𝐎𝐖 𝐏𝐑𝐄𝐒𝐄𝐍𝐓𝐄𝐑 – Thapelo Tahleho, Lekoa FM

𝐁𝐞𝐬𝐭 𝐆𝐎𝐒𝐏𝐄𝐋 𝐒𝐇𝐎𝐖 – Maditlhofa Dihlabeng FM

𝐁𝐄𝐒𝐓 𝐒𝐏𝐎𝐑𝐓𝐒 𝐒𝐇𝐎𝐖 – Get in The Game. Emalahleni FM

𝐁𝐄𝐒𝐓 𝐒𝐏𝐎𝐑𝐓𝐒 𝐒𝐇𝐎𝐖 𝐏𝐑𝐄𝐒𝐄𝐍𝐓𝐄𝐑 – Mahloodi Ranku (The Sports Avenue), Alex FM

𝐁𝐄𝐒𝐓 𝐍𝐄𝐖𝐒 𝐑𝐄𝐀𝐃𝐄𝐑 – Rachel Mahommed, Voice of the Cape

𝐂𝐎𝐌𝐌𝐔𝐍𝐈𝐓𝐘 𝐑𝐀𝐃𝐈𝐎 𝐎𝐅 𝐓𝐇𝐄 𝐘𝐄𝐀𝐑: Motheo

UMKHAYA

Ukuze ukhangise ezikweni lethu elidlondlobalayo, sithinte ku - 079 523 9786 noma kuleli kheli le-email elithi - editor.umkhaya@gmail.com