AbeGagasi FM bashaye indiva abangamfuni, bambuyisela emoyeni uMinnie Ntuli
USEBUYELE ohlelweni lwakhe i-Uprising abelwenza no-Felix Hlophe ekuseni kuGagasi FM, uMinenhle “Minnie” Ntuli ngemuva kwekhefu abenikwe lona ukuze elulekwe, kulandela ukugxekwa ngokuziphatha kwakhe ohlelweni lukamabonakude i-The Real Housewives of Durban (TRHOD).
UNtuli waxabana noLondie London emkhomba ngomunwe, embiza “ngegold digger.”
Yize exolisile uNtuli, uLondie London usethathe izinyathelo zomthetho, njengoba ethi wehliswe isithunzi futhi ngesikhathi eshawa nguNtuli.
Abalaleli balo msakazo abebenganeme ngesenzo sikaNtuli bahlangane ezinkundleni zokuxhumana benza uhlu lwezikhalazo, baphinde baphakamisa ukuthi uNtuli asuswe unomphela kwiGagasi FM.
Nokho isiteshi sizishaye indiva izikhalo zabalaleli sambuyisela emoyeni ngoMsombuluko. Siphinde sakuqinisekisa kwabezindaba ukubuya kwakhe, sathi wamukele isibopho futhi wezwakalisa ukuzisola okukhulu.

