Sicela umnyango we-Cogta eKZN usikhiphele iNkosi yesifazane esihluphayo kwaKhoza
SIWUMPHAKATHI wesizwe sakwaKhoza eMpangeni, eNseleni, KwaZulu-Natali sibhekene nenkinga enkulu, selokhu kwakhothama iNkosi ngonyaka ka-2011 asiphindanga isizwe sahlala ngokuthula.
Umndeni waseBukhosini wasibekela uNdlunkulu uMaXaba obegane inkosi ukuthi abheke isihlalo sendodana yakhe, uMkhanyisi Khoza njengoba yayisencane kukhothama inkosi, inkinga enkulu ekhona ukuthi umuntu owabekwa uyasihlukumeza siyisizwe akakhathalele lutho kuphela udayisa yonke into ekhona emhlabathini wakwaKhoza, uhlawulisa abantu ngisho bengenacala ngenxa yokuthi ufuna ukuzuza okuthile.
Okubuhlungu kumanje asimazi uhlalaphi, nathi siyisizwe asazi kumiphi, imisebenzi iyavela kodwa ulanda abantu bangakubo abafake ezimbonini kuthi umphakathi owakhele isizwe sakwaKhoza ungazuzi lutho.
Siyezwa kuthiwa uxosha nanezinduna ezinye uyazihlukumeza azikhiphise izinkomo ngenxa yokuthi uzithembisa ukuzikhipha ebuduneni bazo.
Siyisizwe sakwaKhoza siyacela umndeni wakwaKhoza ubambisene neNdlukulu yeSilo usilungisele loludaba luka Ndlunkulu ohlukumeza isizwe, phambilini sike sanikezwa elinye ibamba saba nethemba siyisizwe ukuthi sekuzoba nozinzo esizweni sekuzohlaleka ngendlela enhle. Sithe sisathokozela lokho sezwa sekuthiwa uNdlunkulu ubuyisiwe futhi ebuyiswa umnyango wezokubusa ngokubambisana nezindaba zomdabu KwaZulu-Natali obizwa ngo-Cogta, siyacela u-Cogta uyisukumele lento ngoba koyonakala, iNkosi uma isikhulile sicela ihlale esihlalweni sikayise.
Uma inezinkinga asinikezwe umuntu ozohola isizwe ngobuqotho ayi lomama ohlukumeza isizwe esingamazi nokuthi kumanje ukuphi.
Kahlehle ukuba neNkosi ekhathalele isizwe kwaKhoza kwagcina ngeNkosi endala evela esigodini saseMkhamango iNkosi u-M. Khoza emuva kwalapho saqala sabhekana nezinkinga noma zazincono kulesi simo esikhona namhlanje ngaphansi kweNdlunkulu uMaxaba.
Siyisizwe sakwaKhoza sithi sesikhathele uNdlunkulu asisamdingi, umndeni awusikhiphele yena ufake okufanele aphathe isihlalo.
*Lolu daba luthunyelwe kuMkhaya umfundi ongathandanga ukudalulwa, okhathazekile ngokwenzeka ebukhosini bakwaKhoza, eNseleni eMpangeni, KwaZulu-Natali

