EZISEMATHENIIzindaba

Umndeni uzwe eseshonile uNokulunga ukuthi ubeseshadile nomsolwa

IZINDABA zokudlula emhlabeni komsebenzi kamasipala waKwaDukuza, uNokulunga Happiness Mashabane (32) zathusa abantu abaningi, kodwa umndeni wakhe uthi wona wethuka kakhulu usuthola nokuthi ubeseshadile nesoka lakhe, uThobani Nzama.

“Thina besazi ukuthi bayathandana nje kuphela, kodwa sathuka masithola ukuthi bese beshade ngasese ngoMasingana (January) singazi”, kusho umfowabo uMnuz. Thokozani Mashabane

Umndeni kaNokulunga ubukhona enkantolo, KwaDukuza Magistrate’s Court ukuzozibonela amadoda amabili (2) asolwa ngokubulala indodakazi yawo evela okokuqala phambi kwemantshi ngoLwesihlanu.

UNzama ubevele nomngani wakhe, uSipho Mgwaba okusolwa ukuthi wamsiza ngesikhathi kubulawa uNokulunga.

Isidumbu sikaNokulunga satholwa sidutshuliwe emotweni yakhe emgwaqeni u-Link Road mawubheke ku-N2 phakathi kwe-Darnall neZinkwazi ngoNhlangulana (June) nonyaka.

Ushone esebenza njengomphathi emnyangweni Intergovernmental Relations and Protocol ehhovisi lemeya yaKwaDukuza.

UMashabane uthe basola ngokuthi lingafiki emngcwabeni kadadewabo ukuthi kukhona okushaya ngesoka lakhe.

“Kwakungekho ngisho ofakazi (beshada). Ubemhlukumeza uNokulunga, futhi izinsolo zethu zaqina kakhulu ngesikhathi engafiki emngcwabeni. Sithemba ukuthi inkantolo izomnika isigwebo esiqinile”, kusho uMashabane.

Amalungu omndeni kaNokulunga abegcwele usizi emehlweni ngesikhathi kuqhubeka izinhlelo zenkantolo. Ubuhlungu bawo kugqamile sebebona abasolwa bengena beqhutshwa wamaphoyisa enkantolo.

“Siphoxekile ngaye ngoba besithemba ukuthi uzomphatha kahle udadewethu”, kusho uMashabane ngaphandle kwenkantolo.

Abasolwa bazotholoza estokisini beze befake isicelo se-bail ngoLwesihlanu oluzayo, mhlaka-8 Ncwaba (August) 2025.

UMKHAYA

Ukuze ukhangise ezikweni lethu elidlondlobalayo, sithinte ku - 079 523 9786 noma kuleli kheli le-email elithi - editor.umkhaya@gmail.com