Kuboshwe amaphoyisa (3) antshontshe insipho yokuwasha
AMAPHOYISA aseLimpopo abophe ozakwabo abathathu (3) abantshontshe insipho yokuwasha emuva kokuginqika kweloli emgwaqeni u-R101 ngaphandle kancane kwaseMadimolle.
Lesigameko senzeke ngoLwesibili, mhlaka-14 Ntulikazi (July) 2025 ngabo-04:20 ekuseni.
Ngokombiko esinawo leli loli lalilibhekise ePolokwane ngesikhathi liphelelwa ama-brake, laphaphalaza laphuma emgwaqeni. Libe seliginqika, kwachitheka yonke insipho yokuwasha ebeliyiphethe.
Ngokusho kokhulumela amaphoyisa aseLimpopo, u-Col. Malesela Ledwaba, ngesikhathi umshayeli ezama ukuvikela impahla echithekile kwavele kwatheleka abantu ababedlula ngendlela batapa, kwaphinde kwama inqwaba yezimoto abantu behla bazithathela insipho beyilayisha ezimotweni.
Emuva kwesikhashana kwama imoto yamaphoyisa eyayibhaliwe.
“Umshayeli wacela amaphoyisa ukuthi amsize anqande abantu ababezithathela insipho, kodwa esikhundleni salokho wawabona ejoyina abatapayo, nawo azithathela inyanda yamaphakethe ensipho”, kusho u-Col. Ledwaba.
Ngenhlanhla umshayeli wakwazi ukuqoqa imininingwane yamaphoyisa ayesendaweni yesigameko. Wase azisa umqashi wakhe, base bevula icala esiteshini esiseduze.
“NgoLwesihlanu, mhlaka-18 Ntulikazi (July) 2025 amaphoyisa aqalise uphenyo ngalesi sigameko, noluholele ekuthini kutholakale ezinye izimpahla ezitapiwe. Ezinye izimpahla zitholwe emzini welinye lamaphoyisa ayesendaweni yesigameko”, kusho u-Col. Lwedaba.
Abe eseboshwa onke amaphoyisa amathathu abesebenza endaweni okwenzeke kuyo lesi sigameko.
Amaphoyisa asaqhubeka nokuphenya njengoba kulindeleke ukuthi kuboshwe nabanye abasolwa.
Umkhuzi wamaphoyisa eLimpopo, u-Lt.Gen Thembi Hadebe ukugxekile ukuzihlanganisa nobugebengu kwamalungu ombutho we-SAPS.

