EZIKHETHEKILEIzindaba

ISilo sazicela kuhulumeni izimoto ezithengelwe ondlunkulu baso

KULANDELA ukuzwakala kwezindaba zokuthi uhulumeni wesifundazwe saKwaZulu-Natali oholwa undunankulu uMnuz. Thami Ntuli wethule izimoto ezimbili zikanokusho ezintsha ceke zondlunkulu beSilo, uMisuzulu KaZwelithini ngoMsombuluko esigodlweni saseMashobeni, abantu abaningi baphawulile ezinkundleni zokuxhumana bekugxeka lokhu.

Bebekhala ngezinselelo ezinzima ezikhungethe abantu okumele ngabe yizo ezibekwe eqhulwini uhulumeni.

Lezi zimoto zingezondlunkulu, indlokazi Sihle Mdluli nendlovukazi Ntokozo kaMayisela.

Njengesakhiwo esinesibophezele sokwazisa, besibona kuyijoka lethu ukuba sichaze ukuthi kufikwe kanjani la.

Kuthe umphathiswa womnyango kamgcinimafa esifundazweni, uMnuz. Francois Rodgers elungiselela ukwethula isabelo sakhe ngoNdasa nonyaka, ISilo sezwakalisa ukuthi sifuna ukwakha isigodlo esisha futhi sifuna izimoto ezinkulu.

Lokhu kuvezwe uMntwana Gumbela Zulu emuva komhlangano abe nawo neNdlulamithi ngomhlaka-19 Ndasa (March) 2025.

UMntwana uGumbela uthe ngesikhathi ehlangene neSilo, simtshele ukuthi isigodlo esisha nezimoto ezinkulu izona zinto eziseqhulwini kuso kulonyaka.

ISILO SACELA KUHULUMENI UKUBA AQEDELE ISIGODLO ESISHA SASEMASHOBENI FUTHI ASANDISELE IZIMOTO ESEZISHODA

UMntwana uGumbela uthe ISilo sifuna uhulumeni asilekelele siqede ukwakha isigodlo saseMashobeni oPhongolo esesiqalile vele ukuzakhela ngenkece yaso.

Ngesikhathi ekhuluma kanje uMntwana uGumbela, isigodlo saseMashobeni besesinazo izindlu eziyizindilinga (rondavels) ezifulelwe ngotshani. Ngomhla ISilo sihlangane nezithunywa zikahulumeni wesifundazwe saKwaZulu-Natali kuzobhungwa izindaba ezithinta ibhange, Ithala neze Ingonyama Trust kwaphoqa ukuthi kujunyekwe amatende ukuze kuhlale izivakashi. Lokho kwadla indlunkulu imali eshisiwe.

“INkosi isiqalise umsebenzi wokuzakhela isigodlo esisha [saseMashobeni] ngemali yaso, ngakho sinxusa uhulumeni ukuba aqedele. Ngaphezu kwalokho ISilo sithe sikhathazekile ngokushodelwa izimoto ngakho sicela umphathiswa ukuba azengeze”, kusho uMntwana.

Ngonyaka odlule indlunkulu yabelwe imali engu-R77 million kuhulumeni wesifundazwe, nokuchaza ukwehla ngo-R2 million uma kuqhathaniswa nesabelo sangonyaka odlule.

Lokhu kuhambisana nezinhlelo zikahulumeni zokonga imali. Lezinhlelo ziholele ekuthini kuncishiswe ithimba eliqapha Isilo kanti ngonyaka odlule kuphoqe ukuthi simise uhambo lwaso obeluya eMalawi ngemizuzu yokugcina uhulumeni ala ukuthwala izindleko zamabutho angamakhulu amathathu (300) abezohamba neSilo.

Uhulumeni wesifundazwe ubuye ubhekane nazo zonke izindleko zemikhosi yesizwe ehlanganisa uMkhosi weLembe noMkhosi Womhlanga.

*Olunye ulwazi luthathwe embikweni we-IOL News

UMKHAYA

Ukuze ukhangise ezikweni lethu elidlondlobalayo, sithinte ku - 079 523 9786 noma kuleli kheli le-email elithi - editor.umkhaya@gmail.com