UMalema ufuna uMkhwanazi ajoyine i-EFF uma exoshwa emaphoyiseni
UMHOLI we-Economic Freedom Fighters (EFF), uMnuz. Julius Malema usefake isimemo kumkhuzi wamaphoyisa esifundazweni saKwaZulu-Natali, u-Lt. Gen. Nhlanhla Mkhwanazi ukuthi uma ingavuselelwa inkontileka yakhe emaphoyiseni angananazi ukujoyina iqembu lakhe.
Ubekhuluma kanje emcimbini waleli qembu wokubungaza iminyaka eyishumi nambili (12) laba khona obuseKhayelitsha, e-Cape Town ngoMgqibelo.

Esithombeni: UMnuz. Julius Malema ekhuluma embungazweni we-EFF obuseKhayelitsha, e-Cape Town
UMalema uthe iqembu lakhe liyameseka uMkhwanazi ngokuba iphoyisa eliqotho. Kuzokhumbuleka ukuthi uMkhwanazi wadedela amakati esakeni ngolwazi oluthinta obengungqongqoshe wamaphoyisa kuzwelonke, uMnuz. Senzo Mchunu. UMkhwanazi watshela izintatheli ngokungcola okwenzeka embuthweni wamaphoyisa nangokungenelela kukangqongqoshe uMchunu emsebenzini wawo.
Kulesi thangami esasisenhloko-hhovisi yamaphoyisa eThekwini ngomhlaka-6 Ntulikazi (July) 2025 uMkhwanazi watshela izintatheli ukuthi uMchunu uyingxenye yegunundu lezigebengu elisebenza nezikhulu zamaphoyisa.
Emuva kwalesithangami wanconywa nkalo zonke uMkhwanazi, wadunyiswa njengephoyisa eliqotho. Ne-EFF yaphumela obala ngokumeseka futhi umholi wayo bese kuyisikhathi eside ephakamisa ukuthi enziwe umkhuzi wamaphoyisa kuzwelonke.
UNIKWE IKHEFU USENZO MCHUNU
Inkulumo kaMkhwanazi iholele ekutheni umengameli wezwe, uMnuz. Cyril Ramaphosa anike uMchunu ikhefu, wase esungula i-Judicial Commission of Inquiry ezophenya kabanzi ngezinsolo ezenziwe uMkhwanazi ngaye. Kuphinde kwaqokwa uSolwazi Firoz Cachalia ukubamba njengongqongqoshe wamaphoyisa esikhundleni ebesiphethwe uMchunu, yena ozoqala umsebenzi ngomhlaka-1 Ncwaba (August) 2025. Okwamanje kusabambe uMnuz. Gwede Mantashe kuze kuphele uNtulikazi.

