Izinhlangano zomphakathi zimashele ukufuqwa kweziboshwa eziyingozi Eswatini
I-ESWATINI Women’s Empowerment (EWE) ifuna ziphindiselwe emuva iziboshwa ezinhlanu (5) eziyingozi ezilethwe Eswatini yi-United States (US).
Le nhlangano kuthe ngoLwesihlanu yamashela emahhovisi enxusa lase-US akulo leliyazwe ukuzwakalisa ukukhathazeka kwayo.
Kwezinye zezinto abaholi be-EWE abazishilo ngesikhathi bekhuluma nezintatheli bathe bafuna uhulumeni wasEswatini aveze obala konke akwenzayo. Ifuna ukubona yonke imininingwane yezivumelwano ezenziwe ilamazwe ngesikhathi evumelana ngokunikezana lezi ziboshwa.
Ngomhlaka-16 Ntulikazi (July) 2025 izwe lasEswatini lamukele iziboshwa ezinhlanu (5) eziyingozi ejele iMatsapha Correctional Centre eliyibanga elingu-30 km ukusuka enhloko-dolobha yezwe iMbabane.

Esithombeni: Ijele iMatsapa Correctional Centre
ziboshwa ezinhlanu ezigwetshelwe ngamacala abucayi ahlanganisa awokubamba inkunzi, ukubulala nokudlwengula zingezase-Vietnam, Laos, Yemen, Cuba nase Jamaica. Kubikwa ukuthi amazwe azo anqabile ukuzamukela.
Ezinye izinhlangano zomphakathi zikhala ngokuthi lezi boshwa zinamalungelo afanayo nezinye ezidabuka Eswatini. Futhi zikhathazekile ukuthi kungenzeka zibe ningi ezinye iziboshwa ezilethwa ezweni lazo.
Ijele ezigcinwe kulo kuthiwa ligcwele kakhulu futhi sekuyisikhathi eside lilungiswa ngoxhaso oluvela kuhulumeni wase-US kodwa kuze kube manje awukapheli lowo msebenzi.
Ezinkundleni zokuxhumana abantu basEswatini bazwakalise ukungenami ngokulethwa kwalezi ziboshwa kuleliyazwe bekhala ngokuthi kwandiswa ezinye izinkinga bevele bezixakekele ngenxa yokucindezelwa imithetho eshawa iNkhosi Mswati III, abathi uphila impilo ephezulu bona bebe behlupheka.
Le Nkhosi eneminyaka engamashumi amahlanu nesikhombisa (57) igxekwa kakhulu ngokushaya indiva izikhalo nenhlupheko yabantu basezweni layo.

