EZEMIDLALOIzindaba

I-Cape Town City ethubeni lokubuyela ku-PSL inqoba icala ebilifake ku-SAFA

YENZA yonke imizamo ukugwema ukuya ehlathini i-Cape Town City FC njengoba isigcine inqobe icala ebimangalele kulo i-Durban City kwi-SAFA Arbitration.

I-The Citizens yafaka isimangalo ngomdlali owadlaliswa i-Durban City kungafanele. Leli qembu elaqeda endaweni yeshumi nanhlanu (15) ku-GladAfrica Championship ithi i-transfer clearance yokudedela uSaziso Magawana owagcina edlaliswa i-Durban City emidlalweni yayo yokuhlungela ukungena ku-Betway Premiership yakhishwa iqembu elingafanele okwenza yonke imidlalo edlalwe ilomdlali ifane nengekho.

I-SAFA Arbitration iyalele ukuba i-PSL Disciplinary Committee iphenye lezinsolo zokuthi i-Durban City yadlalisa umdlali ongafanele ngesikhathi kuqhubeka imidlalo yokuhlungela iqembu elizongena ku-Betway Premiership. Leli cala phambili liqulwe i-PSL’s Dispute Resolution Chamber kodwa i-Durban City yaphuma phambili. Nokho i-SAFA Arbitration ibona ngenye indlela njengoba yona seyiyalele ukuthi kuphenywe kabanzi.

Uma i-The Citizens igcina iphumelela uma loludala selusingethwe i-PSL Disciplinary Committee lokho kuyosho ukuthi iyafadalala imizamo ye-Durban City yokudlala ku-Betway Premiership, bese kungena yona i-The Citizens.

“Leli igxathu elibalulekile kithi”, kusho u-John Comitis ongusihlalo we-Cape Town City

“Isinqumo se-SAFA siqinisekisa esikholelwa kukho ngokwenza okufanele”, kusho yena.

UMKHAYA

Ukuze ukhangise ezikweni lethu elidlondlobalayo, sithinte ku - 079 523 9786 noma kuleli kheli le-email elithi - editor.umkhaya@gmail.com