ABANTUEZEMISAKAZOIzindaba

Ukhulekela ukuthi kufike owezindondo eseluleme umphathi weSakha Isizwe FM

UTHI nakuba engakalulami ngokuphelele umsunguli weSakha Isizwe FM, uNkk. Thandeka Khathi kodwa usekhulekela ukuthi kufike usuku lomcimbi we Sakha Isizwe Community Awards (SICA) eseluleme ngokuphelele.

UNkk. Khathi utshele intatheli yoMKHAYA ukuthi lomcimbi uyikho konke kuye ngakho kumfikisela ngobuhlungu ukuthi njengoba usesigabeni sokuhlelwa nje yena ulele embhedeni uzama ukuphola.

Ama-SICA angomhlaka-1 Lwezi (November) 2025 laphaya ehholo laseLovu.

Ngesikhathi elandisa UMKHAYA ngokulimala kwakhe uthe ubekwakhe ngoLwesibili, mhlaka-8 Ntulikazi (July) 2025 eqeda ukuhlanza izingubo eselungisela ukuzineka kanti kuzowela udonga phezu kwakhe lwamlimaza.

“Ngangikade ngisemnyango ngineka. Kunolayini ophezulu osunamathele odongeni lothango oselunyibile. Ngibe sengicela indodana yami ukuthi inginekele. Ibe isigibela esihlalweni, yase incika kulolu donga olunyibile. Ngeshwa kanti luzowela kimi, kwaba ukulimala kwami”, kusho yena.

Uthe nokho odokotela nabahlengikazi bathembisa ukuthi bazomdedela kungekudala.

Uqhubeke wathi luhamba kahle uhlelo lokuvotela abaqokwe emikhakheni ehlukene kowezindondo ze-SICA.

Kuvotwa kanje, isibonelo:
Uma uvotela oqokwe emkhakheni we-Best Influencer

●Zakes Gumbeka
●Mfundisi Madolo
●Zulu Proverb
●Brian Smile

Ingabe uzovotela muphi kulaba?

Uvota kanje:

●Ukhetha imali ozovota ngayo from R10 -R250
●Bese ungena kwi-app yebhange lase-Capitec
●Ukhethe i-option ye-Capitec Business
●Ufake inombolo ye-account yasebhange
●Esikhaleni senombolo ye-reference ufake igama lomuntu omvotelayo

UNkk. Khathi uphethe ngokucela abantu ukuthi bemvotele naye njengoba eqokwe komunye umncintiswano wezindondo iZenzele Mbokodo Awards, emkhakheni we-Best Community Radio.

Ukuze abantu bebone ukuthi uvotelwa kanjani bengangena ekhasini lika-Facebook leSakha Isizwe FM kanti ukuvota kuvalwa mhlaka-30 Ntulikazi (July) 2025.

UMKHAYA

Ukuze ukhangise ezikweni lethu elidlondlobalayo, sithinte ku - 079 523 9786 noma kuleli kheli le-email elithi - editor.umkhaya@gmail.com