EZISEMATHENIIzindaba

Utholwe enecala owabulala obedume ngelika “Pastry Chef”

INKANTOLO ephakeme, i-Johannesburg High Court imthole enecala uSibusiso Zitha (41) ngemuva kokuzivumela ukuthi ngempela nguye owabulala uThembekile Letlape. ULetlape obephinde aziwe ngelika “Pastry Chef” wayeyisinqandamathe sakhe uZitha ngesikhathi kwenzeka lesi sigameko.

Lolu daba lube seluhlehliselwa umhla zingama-28 Ncwaba (August) 2025 ukuze kuhlanganiswe umqulu wokugweba uZitha. Kuzokhumbuleka ukuthi mhla ngingama-30 Nhlaba (May) 2024, uZitha wabhokoda uLetlape ngemimmese ehlukene ekhaya labo elise-Fourways ngemuva kokuhilizisana okwaholela engxabanweni. ULetlape waphelela khona lapho ngemuva kokugwazwa esifubeni kanye nasebusweni.

Lesi sigameko senzeka phambi kwendodakazi yabo eneminyaka eyi-10 eyayibuka ithelevishini ngaleso sikhathi.

Inhlangano yabashushisi kuleli i-National Prosecuting Authority (NPA) isamukele lesi sinqumo senkantolo.

UMKHAYA

Ukuze ukhangise ezikweni lethu elidlondlobalayo, sithinte ku - 079 523 9786 noma kuleli kheli le-email elithi - editor.umkhaya@gmail.com