Uthi bamzwisa ubuhlungu abathi wadla u-R2 million wabafundi uLasizwe
UKHALA ngokuthi uphila kabuhlungu ngesazela esingenasidingo uLasizwe njengoba esolwa ngokudla imali engu-R2 million wabafundi.
Lezinsolo ziqale emuva kokuthi kuthe ngoNdasa (March) 2021, uLasizwe wasungula umkhankaso abewubiza nge-R10 Goes a Long Way Initiative wokusiza abafundi abangakwazi ukukhokha imali yokubhalisa ezikhungweni zemfundo ephakeme.
Kulo mkhankaso wakhe kusondele uSibu Mabena, Takkies no King Aya. Laba bebenenhloso yokuqoqa imali engu-R1 Million ngalomkhankaso wabo. Kuqale bona bafaka eyabo imali ukuze bekhuthaze namanye amalungu omphakathi ukuthi nawo anikele. Abantu ezinkundleni zokuxhumana bathembisile nabo ukunikela kulo mkhankaso, osaziwayo nezinkampani ezinkulu benza okufanayo.
I-Pick n Pay inikele ngo-R10,000, African Bank ifake-R10,000, KFC R50,000, kwathi i-Standard Bank yafaka imali engu-R1 million. ULasizwe nethimba lakhe bamemezele ukuthi iminikelo isifike ku-R2 million.
Babe sebeqala uhlelo lokukhokhela abafundi abangakwazi ukukhokha imali yokubhalisa ezikhungweni zemfundo ephakeme.
Ngeshwa akusibo bonke abantu ababone ubuhle ngomsebenzi obuwenziwa uLasizwe, kunabanye abamgxekile bathi udla lemali ezintweni eziqondene naye. Abanye baze bathi akabanike isiqiniseko ukuthi ngempela uyabakhokhela labafundi.
Kuthe noma esechaza ukuthi konke okuqondene nalo mkhankaso wakhe kudluliselwe emhlanganweni ebizwa ngeFunda, kodwa kwanhlanga zimuka nomoya.
Uthe emuva kweminyaka emine usabona kunesidingo sokuthi achaze ngalemali ngoba kukhona abasakhuluma ngayo.
Muva nje ubhale ku-X echaza ngobuhlungu abuzwayo ngenxa yabantu abenza ihlaya ngaye futhi abakholwa ukuthi wadla imali yabafundi. “Eminyakeni emine (4) edlule, igama lami libondwe odakeni ngoba kunabantu abebesola ukuthi ngintshontshe imali engu-R2 million yabafundi obekungamanga aluhlaza.
“Kuze kube namuhla, lezinsolo zisangidla. Ngibona abantu benza ihlaya ngalento, kodwa abawuqondi umonakalo walento abeyenzayo. Sengiqede iminyaka emine ngizama ukuhlanza igama lami ngento engingayenzanga”, kusho uLasizwe.

