Umunyu kuqoshwa okokugcina iMuvhango
UMSUNGULI weMuvhango, uMnuz. Duma Ndlovu uvalelisile kubalandeli balo mdlalo uqoshwa okokugcina ngoLwesithathu.
Ubhale ekhasini lakhe lika-Facebook edalula ukuthi lomdlalo owaqala ukubonakala kumabonakude ngo-1997 usufike esiphethweni.

Esithombeni: UDuma Ndlovu ubekhona lomdlalo uqoshwa okokugcina
IMuvhango idlala ku-SABC 2 ngoMsombuluko kuya kuLwesihlanu, ngehora lesishiyagalolunye (21:00).
Kuleminyaka engamashumi amabili nesishiyagalombili (28) igqamisa isikompilo lwesizwe lamaVenda ibiqoshwa emzini oseNgwenani Ya Themeli — obungumuzi wasebukhosini baseThathe ngokomdlalo.
Isiqephu sokugcina salo mdlalo sizobonakala mhlaka-25 Ncwaba (August) 2025.
UNdlovu ubonge ababukeli ngokumeseka yonke leminyaka. Uthe ngesikhathi beqopha iMuvhango abadlali bayo babebancane kakhulu.

Esithombeni: Ezinye zeziqephu zeMuvhango
“Iningi labadlali belilincane kakhulu ngo-1997, abanye abakhona manje babengakazalwa – kodwa baqhubekile nokwenza umdlalo ugqame kuze kube manje”, kusho yena.
Uthe abadlali abasebancane abebelokhu bethulwa kuloMuvhango baqhubeke kahle nokugqamisa isiko nomlando owaqalwa abazali babo.
“Bayabonga oGatsheni”, kusho yena ephetha.

