Izindaba

Umsolwa kwelikaMeyiwa ukhishwe ejele abekulo ekhala ngokuhlukunyezwa esitokisini

UFISOKUHLE Ntuli, ongumsolwa wesihlanu (5) ecaleni lokubulawa kuka Senzo Meyiwa, kuthe ngoLwesithathu watshela inkantolo i-Pretoria High Court ukuthi uyahlukunyezwa ejele iKgosi Mampuru Correctional Centre.

UNtuli, osaphikelela ukuthi umsulwa, uthi ubhecwa ngobubende inyama engayidlanga kuleli cala.

Kuzokhumbuleka ukuthi ekuqaleni kweviki eledlule, uNtuli wakhononda ngozankosi basezinyaweni bensimbi ekumele babagqoke uma bevela enkantolo, wathi babuhlungu futhi bagcina benza ukuthi bahluleke ukugxila ngokomqondo kokwenzakalayo enkantolo.

NgoLwesithathu uphinde wabikela inkantolo ukuthi izikhulu zasejele zimubambele itulo, wacela nenkantolo ukuba ingenelele.

Echaza ngesinye sezehlakalo esamehlela, uthi kwacishwa ugesi ebusuku, onogada bamuyalela ukuthi aqoqe izimpahla zakhe, nokwathi uma ebuza ukuthi kungani kumele athathe izimpahla zakhe futhi kuyiwaphi? watshelwa ukuthi kutholakale umakhalekhukhwini izolo,

Uthi wathi uma ebuza ukuthi kungani engatshelwanga lutho ngalolucingo, watshelwa ukuthi ukhomishana kazwelonke wezamajele ukhiphe umyalelo othi akahanjiswe e C-Max Prison.

UNtuli uthi umuntu owatholwa nomakhalekhukhwini wayevalelwe khona eC-Max, bamshintsha ngaye, loyomuntu bamubuyisela eB-Max, nokulapho yena ayevalelwe khona kwasekuqaleni.

Imantshi kuleli cala iyalele ukuthi akhishwe ngokushesha eKgosi Mampuru Correctional Centre ayiswe e-Leeuwkop Correctional Centre ukuze abe sesimeni esikahle sokuqhubeka necala.

UMKHAYA

Ukuze ukhangise ezikweni lethu elidlondlobalayo, sithinte ku - 079 523 9786 noma kuleli kheli le-email elithi - editor.umkhaya@gmail.com