Abezenkolo baveze ilaka labo ngenkohlakalo
NguSandile Khumalo no Sphamandla Mthethwa
ABAHOLI bezinkolo ezihlukene bebebambe ingqungquthela yokudingida kabanzi ngenkohlakalo edla lubi kuleli laseNiNgizimu Afrika. Le ngqungquthela ethathe izinsuku ezimbili ebihlelwe inhlangano yezenkolo i-South African Council of Churches (SACC), ibibanjelwe eGoli.

Esithombeni: Ijaji Raymond Zondo obehambele ingqungquthela yokulwisana nenhlohlakalo ebiseGoli.
Inhloso yale ngqugquthela bekungukudlulisa umyalezo wokuthi abaholi bezepolitiki bafunde ukuhola izwe ngobuqotho. Abaholi bezenkolo baphinde banxuswa ukuba bangathuli uma kukhona izenzo zenkohlakalo ezenzekayo abazaziyo noma abazibonayo.
Ekhuluma ngenhloso yale ngqungquthela, uMfu. Mzwandile Molo ongunobhala-jikelele wale nhlangano uthe; “Kubalulekile ukuthi abantu baqonde ukuthi inkohlakalo akukona nje ukudla izimali ezinkulu kodwa zikhona nezimo ezingabukeka zizincane ezingaba inkohlakalo.”
Ulinganise ngokuthi ukukhokhela amaphoyisa emigwaqeni intshontsho nakho kuyinkohlakalo okufanele abantu bayiyeke.
Le ngqungquthela ibihanjelwe nguJaji uRaymond Zondo owake wabangumengameli wamajaji kuleli kanti futhi ubengomunye wezicukuthwane ezethule inkulumo kulo mcimbi.
Ijaji Zondo ukhale ngokuhlakazwa kophiko obelubukhali ekulweni nobugebengu, i-Scorpions okuqediwe endaweni yalo kwenziwa ama-Hawks, athe akayithembi indlela asebenza ngayo.
Kuyona lengqungquthela kuphindwe kwexwayiswa abefundisi ukuthi inkohlakalo bengayikhombi kosopolitiki kuphela kodwa nabo bezinuke amakhwapha emabandleni abo njengoba iningi labo lihamba ngezimoto ezibizayo futhi lihlala emizini kanokusho kodwa abazalwane bebe behlupheka.

