Liphosela inselelo abakhathazwa iminyaka yalo ijaji uMadondo (72) eligaqele umsebenzi kwa-IEC
IJAJI elineminyaka engamashumi ayisikhombisa nambili (72) futhi eselathatha umhlalaphansi, ijaji Mjabuliseni Madondo liphonsela inselelo abaxakwa ukuthi liguge kakhulu ukuthi linganikwa umsebenzi kwa-IEC.
UMadondo obeyisekela likamengameli wamajaji esifundazweni saKwaZulu-Natali ungomunye wabayishumi nanye (11) abazothamela inhlolakhono yomsebenzi wokuba okhomishane abathathu (3) abadingwa ile nhlangano ebhekele ezokhetho kuleli.
Ngesikhathi kuqhubeka inhlolakhono yalo msebenzi ngoNtulikazi (July) 21-22, ijaji Madondo uveze ukuthi isipiliyoni sakhe esebenzela ezomthetho kuleli siyadingeka ukugcina i-IEC inesithunzi futhi ithembekile emphakathini.
“Isipiliyoni enginaso nokuzinikela emsebenzini isikhathi eside kungawusizo ekuqhubeni ukhetho olukhululekile nolungenagcobho kunokuzikhathaza ngokuthi ngineminyaka emingaki”, kusho yena.
Lokhu kungase kususe inkulumo-mpikiswano ngodaba lokungaqashwa kwabantu abafanele ukuthola umsebenzi ngenxa yeminyaka yabo
Abanye abathamele inhlolakhono noMadondo, ongusihlalo wayo lekhomishani, uMosotho Moepya nokhomishane Dhaya Pillay. Umengameli wamajaji kuleli, ijaji Mandisa Maya uyena ohola ithimba eliphosa imibuzo kule nhlolakhono, edinga okhomishane abazohola i-IEC iminyaka eyisikhombisa. #Umkhaya #UlwaziLungamandla

