Kukhona isandla semfene ekuxoshweni kukaJacinta
KUCACELE ngisho ingane encane nje ukuthi ukuxoshwa kukaJacinta Zuma kuVuma FM kumayelana nokumuthena amandla emkhankasweni wakhe obukeka uyimpumelelo wokulwisana nabokufika abakuleli ngokungemthetho.
Kuyinto engefihlwe ukuthi ukuphumela kwakhe obala aveze ukungenami kwabantu abaningi bakuleli ngokutotoswa kwabokufika abakuleli ngokungemthetho, kumenze wazithola esezondwa ilabo abangakuthandi lokhu akwenzayo.
Baningi osopolotiki kanye nabaholi bezinhlaka ezihlukene obubona nje ukuthi akubahlali kahle ukubona umkhankaso kaMaNgobese usimama. Ingakho-ke kungamangazi nje ukuthi azithole esexoshwa isigubhukane nangaphandle kwencazelo.
UMaNgobese unyakazise izwe ngalo mkhankaso, uvule amehlo abantu abaningi waphinde waba umkhulumeli wabantu abaningi abebengakwazi ukuthi bazikhulumele bona. Uzidelile wama isibindi wabuza imibuzo eyenze labo abasezinhlakeni bazithola bengakhululekile.
Izakhamuzi zakuleli azingalindeli ukuthi zizothola izimpendulo ngoba vele ukuxoshwa kwakhe kuyindlela yokuzama ukumthulisa. Umbuzo okufanele sizibuze wona-ke ukuthi umsakazo iVuma FM izotholani ngokumxosha.
Angikholwa ukuthi lo msakazeli wabantu ubungakhetha ukuthatha isinqumo esingenza ulahlekelwe izigidi zabalaleli kungekho into okuyiyo ephusha ukuthi kwenzeke lokhu. Akukho okufihliwe okungeke kuvele. Kungekudala kuyohlala obala ukuthi obani laba abafake ingcindezi kubaphathi balo msakazeli ukuze bathathe lesi sinqumo. Lesi senzo sibonisa ngokusobala ukuthi kukhona abangahleli kahle ngomkhankaso we-March in March.
Lokhu kufanele kusenze sibambane sonke esiseka lo mkhankaso sikhumbule ukuthi asisenzeli thina kuphela kodwa sesenzela nokuthi izithukuthuku zikaMaNgobese zingaweli phansi. Azingabi into egcina iyize, akuthi ngelinye ilanga angakukhaleli ukuzidela kwakhe ezidelela mina nawe!
Ngiyazi isitha sijabule futhi sigiya ngethambo lakhe manje kodwa mina nawe asisebenze kanzima ukuze uzophumelela lo mkhankaso omuhle kangaka

