EzosaziwayoIzindabaUmculo

Ugonyuluka ngempilo yakhe kwelinye inoni alikhiphile u-Cassper Nyovest

KUTHE abalandeli bakhe besahlanyiswa izingoma zakhe ezimbili, ethi Kusho Bani nethi Skuta Baba wavele wabuyela e-studio masisha wakhipha ingoma entsha uRefiloe Maele Phoolo odume ngelika-Cassper Nyovest.

Kulokhu ukhiphe ulozolo lwengoma enesihloko esithi Guess Who’s Back. Kule ngoma nayo enze iqiniso kuyo ukhiphe konke okwenzeka empilweni yakhe yakamuva futhi wabuyela kwisigqi eziwa ngaso sokugijima ngamagama.

Le ngoma izwakala izophosela inselelo kozakwabo abasemculweni we-Hiphop njengoba kucaca ukuthi uyabakhombisa ukuthi uyena inkosi yalomculo. Ngale ngoma uthi – “Akayi ndawo”.

Ingoma ka-Cassper ethi Kusho Bani bayithokozele kakhulu abantu kanti yenza kahle kakhulu ezinhlelweni zomculo emsakazweni nasezinkundleni zomculo zobuchwepheshe. Kufana nayo le ethi Skuta Baba, idlisile ezindaweni zobumnandi nezokuzijuxuza. Kodwa muva nje kuyacaca ukuthi ngale ethi Guess Who’s Back ubehlose ukuqala impi entsha emculweni njengoba kuzwakala leya ntshisekelo, ingcindezi nenhloso ayenayo esangenisa emculweni.

Umyalezo awudlulisayo ogqamile u-Cassper kule ngoma yakhe entsha ugxile kulolu dumo analo, ukudayiswa abantu ayebathembile, ukuthembeka, nokuzinza entweni oyenzayo.

Nakuba zikhona izikhathi abaningi abesebeqedile ngaye emculweni kuyacaca ukuthi ubuye ngezinkani, futhi lomkhakha akuwo uwuthatha njengempi – okungenzeka kuyo unqobe, ulimale okanye ikucije.

Uma uke wayilalela ingxoxo asanda kuba nayo kwi-podcast ka L-Tido, lapho abekhuluma khona ngesimo sakhe sempilo, ukushabalala kwesiko, nokulwa nesimo somzimba wakhe – konke lokhu ukuxoxa kule ngoma yakhe entsha.

UMKHAYA

Ukuze ukhangise ezikweni lethu elidlondlobalayo, sithinte ku - 079 523 9786 noma kuleli kheli le-email elithi - editor.umkhaya@gmail.com