Imibono

Ngabe uCachalia ujutshelwe ukulwa nobugebengu noma ‘ukuzosebenza’ uMkhwanazi?

LONA ngumbuzo abantu abaningi baseNingizimu Afrika abazibuza wona emuva kokuphawula emazikweni ezindaba ehlukene kukangqongqoshe omusha wamaphoyisa, uSolwazi Firoz Cachalia ozobamba lesi sikhundla kusukela ngoNcwaba (August) 2025.

Lombuzo uvuswa ukuthi selokhu eqale ukuphawula ngokuqokwa kwakhe uSol. Cachalia akaqedi engamgxekanga umkhuzi wamaphoyisa esifundazweni saKwaZulu-Natali, u-Lt. Gen. Nhlanhla Mkhwanazi.

Kuzokhumbuleka phela ukuthi kuze kufika ekuthini kube nezinguquko kwi-cabinet yakuleli, kusuka esithangamini sezindaba esabizwe uMkhwanazi ngomhlaka-6 Ntulikazi (July) 2025 lapho ededele khona amabhomu ngobudlelwane bukangqongqoshe wamaphoyisa osanikwe ikhefu, uMnuz. Senzo Mchunu negunundu lezigebengu elisebenza nezikhulu zamaphoyisa.

Umengameli wezwe ube esenika uMchunu ikhefu, wase esungula i-Judicial Commission of Inquiry ezophenya kabanzi ngezinsolo ezenziwe uMkhwanazi ngoMchunu.

Umengameli umemezele ukuthi isikhundla sikangqongqoshe wamaphoyisa sizobanjwa uMnuz. Gwede Mantashe kuze kube sekupheleni kukaNtulikazi, bese ngokuqala kukaNcwaba athathe izintambo uSol. Cachalia ozobeka phansi izintambo ngokuphela kwenyanga esikuyona emsebenzini awenza e-University of Witwatersrand eGoli.

Ngale kokuba ungcweti wezomthetho nochwepheshe wokulwa nobugebengu, uSol. Cachalia ungusopolitiki. Ungumakadebona we-ANC ayilungu layo kanti uke waba umphathiswa womnyango wezokuphepha eGauteng.

Yize abaningi bewazi amagalelo akhe makuziwa ekulweni nobugebengu uSol. Cachalia kodwa indlela aphawula ngayo ilahlisa ithemba njengoba kwabaningi ezwakala njengomuntu ‘ozosebenza’ UMkhwanazi.

Ngosuku lokuqala umengameli ekhulume ngegama lakhe wabonakala ku-Newzroom Afrika egxeka uMkhwanazi ngokubiza isithangami sabezindaba enhloko-hhovisiyamaphoyisaeThekwini.

“Akujwayelekile ukuthi umuntu osesikhundleni esinjengesakhe aziphathe ngalendlela”, kusho uSol. Cachalia ebhekise kuMkhwanazi.

NgoLwesihlanu uzwakale kwi-podcast eyenziwe umhleli we-Sunday Times, u-Mike Siluma egxeka iqhinga lamaphoyisa lokushaya liqothule ezigebengwini uma libhekene nazo. Leli qhinga libonakala lisetshenziswa kakhulu esifundazweni saKwaZulu-Natali esiphethwe uMkhwanazi. Seziningi izigameko ezibikwe kwabezindaba lapho amaphoyisa edubula abulale izigebengu uma ebhekene nazo nokuyinto abantu bakuleli abayincomayo.

Nokho uSol. Cachalia unombono ohlukile.

“Ubugebengu ngeke ubuqede ngokuphula umthetho”, kusho yena.

Uthe umkhuba wokuyalela amaphoyisa ukuba abulale izigebengu ukuwenzisa amacala. Wathi lena akuyona indlela elungile yokuqeda ubugebengu. Uthe uma kuqondwe ukulwa impi yobugebengu kungafanele kuthuthukiswe uphiko lwabaphenyi nolwezobunhloli.

Zonke lezinkulumo zakhe uSol. Cachalia zimelene neningi lakuleli ebelibona konke kuhamba kahle ngomsebenzi wamaphoyisa.

Abantu ezinkundleni zomculo nabaphawula emsakazweni uma kuvulelwe izingcingo ngalolu daba bakholwa ukuthi uSol. Cachalia ufakelwe ukuzovikela osopolitiki kulesi sikhundla esibalulekile kuhulumeni.

Ubugebengu obenzeka kuleli kuhlupha kakhulu imiphakathi esemazingeni aphansi. Ukubulawa nokushushumbiswa kwabantu, ukudayiswa kwezidakamizwa, ukudlwengulwa kwabesifazane nezingane nokunye okuningi okubambezela inqubekela phambili futhi kuphazamise inhlalonhle yabantu kuhlupha abantu, akuthinti osopolitiki abasezikhundleni ezinkulu.

Lehlile izinga lokwethenjwa kwamaphoyisa, manje kuyadumaza ukuthi uma kunamaphoyisa asakhombisa ukusebenza ngokuzimisela bese kuthunazwa umsebenzi wawo, futhi kuphikiswana nakwenzayo.

UMnuz. Mantashe osabambile naye uzwakale kwelinye iziko lezindaba ethi akufanele okwenzeka embuthweni wamaphoyisa kubikelwe abezindaba. Kucacile nje ukuthi naye usanemba kuMkhwanazi ngokubiza kwakhe isithangami sabezindaba azise izintatheli ukungcola okwenzeka kulo mbutho.

Abaningi baze bathi kungenzeka ukuthi uMkhwanazi uzamile ukuzwakalisa lolu daba ngenhloso yokuthi luthathelwe izinyathelo kodwa kwazitshwa. Wase ebona ukuthi akalwendlale etafuleni lwaziwe umhlaba wonke.

Ayidumi kanje mayizosuka. Nathi lapha kuMKHAYA besibona ukuthi ungqongqoshe obambile usheshe waphawula ngokusebenza kwamaphoyisa engakangeni kwakungena emakhaya awo lo mnyango.

Kalinde angene ehhovisi axhumane nazo zonke izinhlaka ezingaphakathi kuwo kanye nezisebenzisana nawo bese ephawula. Kwangathi uyagagamela, usheshe wabasa umlilo engakayibambi inyamazane.

Manje akusaqondakali ukuthi engabe ujutshelwe ukulwa nobugebengu noma ‘ukuzobesenza’ uMkhwanazi.

UMKHAYA

Ukuze ukhangise ezikweni lethu elidlondlobalayo, sithinte ku - 079 523 9786 noma kuleli kheli le-email elithi - editor.umkhaya@gmail.com