Izindaba

Iphikisana neqembu layo imeya ye-ANC egoloza ukusuka esikhundleni KwaDukuza

KWADUKUZA | Inqaba ukulandela umyalelo weqembu layo le-ANC, imeya kamasipala wakwaDukuza, uMnuz. Ali Muzi Ngidi owala ukubhala incwadi yokwesula esikhundleni sakhe.

Ngesikhathi ubuholi be-ANC buhlangene ne-caucus yamakhansela awo kulomkhandlu ngomhlaka-2 Ntulikazi (July) 2025 bayalela uNgidi nesekela lakhe uMnuz. Njabulo Cele ukuthi bebhale izincwadi zokwesula ezikhundleni zabo engakapheli amasonto amabili. UCele useyibhalile eyakhe wayinika usomlomo kamasipala kodwa uNgidi ugolozile.

Lo myaleyo ukhishwe emuva kokuba kube nemibiko eminingi kwabezindaba ebithinta ukuntshontshwa kwemali nokuxhaswa kwemicimbi engaqondakali kulo masipala.

Usomlomo walomkhandlu, ikhansela Nks. Dolly Govender bekulindeleke ukuba namuhla (ngoLwesihlanu) akhiphe isaziso somhlangano womkhandlu wokukhetha imeya entsha nesekela layo zingakapheli izinsuku eziyikhombisa (7), kodwa kuze kube manje asiphumile leso saziso ngenxa yokungafuni kukaNgidi ukulandela umyalelo weqembu.

UMKHAYA uthole ukuthi iqembu lingase liyalele amakhansela alo ukuthi afake i-motion yokungabethembi ubuholi bakhe, nokungenye indlela angakhishwa ngayo uma eqhubeka nokungayibhali incwadi yokwesula.

Kusenjalo i-Democratic Alliance (DA) kulowamkhandlu isibhalele umnyango wezokubusa ngokubambisana nezindaba zomdabu esifundazweni ukuthi uphenye ngezenzo zabasebenzi bakulowa masipala ababambe iqhaza ekuziphatheni ngendlela engalungile kukaNgidi.

Umholi we-caucus yamakhansela e-DA kulowa mkhandlu, u-Privi Markan uthe ngesikhathi imeya iqasha izimoto ezibizayo, isebenzisa imali yomkhandlu ngokungafanele iqinisa ezokuphepha zayo futhi isebenzisa izimali zomkhandlu budedengu kunabasebenzi bomkhandlu abebeyisiza kuhlanganisa nomphathi kamasipala, uMnuz. Nhlanhla Mdakane.

UMKHAYA

Ukuze ukhangise ezikweni lethu elidlondlobalayo, sithinte ku - 079 523 9786 noma kuleli kheli le-email elithi - editor.umkhaya@gmail.com