Inkantolo ithole ukuthi uno-R1 500 kuphela uNtsiki Mazwai okweleta u-DJ Euphonik izizumbulu
-DJ Euphonik usephoqeleke ukucela inkantolo ukuba idalule ukuthi uNtsiki Mazwai akanayo imali njengoba kuze kube manje engakayikhokhi imali engaphezulu kuka-R280 000 yecala.
UMazwai ukhokhe u-R6 000 kuphela wezindleko zenkantolo ngemuva kokubiza u-DJ Euphonik ngomdlwenguli ezinkundleni zokuxhumana nokulahlwa yicala enkantolo.
NgoMbasa (March) 2021, inkantolo, i-Johannesburg High Court yayalela uMazwai ukuthi akame ngezinto azikhuluma ngo-DJ Euphonik, yaphinde yamphoqa ukuba akhokhe u-R74 000 wezindleko zecala.
NgoMasingana (January) 2022 inkantolo yengeza u-R104,316 ngaphezulu.
Ngesikhathi uMazwai ezama ukulidlulisela phambili icala, inkantolo yenqaba yase yengeza enye imali engu-R114 000, ngokubika kwe-Sunday World .
Yize abameli baka-DJ Euphonik sebemcele kaningi ukuthi akhokhe, kodwa usakhokhe u-R6 000 kuphela.
Ngesikhathi iphoyisa elalithunywe inkantolo liya endlini yakhe, lathola ukuthi izinto zakhe zingabiza imali engu-R1 500 kuphela.
NgoNdasa (April) 2023, uMazwai waphendula nge- email wathi akanayo imali futhi usohlelweni lokusizwa ngokuhluleka ukukhokha izikweletu.
Manje, u-DJ Euphonik ufuna inkantolo ithathele izindaba zakhe zemali izinyathelo futhi yabelane ngezinto zakhe nabantu abakweletayo, ngoba akakwazi ukukhokha izikweletu zakhe.
UMazwai usazama ukulwa nemiyalelo yenkantolo futhi ufuna ukulidlulisela phambili icala kodwa akakakhokhi lutho.

