I-Pirates ayimdedeli uMofokeng yize isasazelwa ngo-R120M i-PSV Eindhoven
IZINKUNZI zaseSoweto ziyayichitha imibiko yokuthi isibabuli somdlali wazo oneminyaka engamashumi amabili (20), uRelebogile Mofokeng uconselwa amathe i-PSV Eindhoven njengoba zisafuna ukusigcina enye i-season.
Imibiko ithi iqembu lase lase-Netherlands libeke phansi imali engu-R120 million ukuze lithole uMofokeng.
NgoLwesithathu i-Pirates ikhiphe isitatimende icacisa ngodaba lwalo mdlali njengoba imatasa ilungiselela ukuqala naye i-season entsha e-Spain.
Kwenzeka konke lokhu nje uMofokeng usanda kuqokelwa emikhakheni emihlanu (5) kumncintiswano wezindondo wokuklomelisa abadlali abenze kahle nge-season ka-2024/25 ku-PSL.
Kulo mncintiswano uqokelwe emkhakheni we-PSL Footballer of the Season Award ne Betway Premiership Player’s Player of the Season lapho aqhathwe khona no-Lucas Ribeiro weMamelodi Sundowns noKeletso Makgalwa weSekhukhune United.
UMofokeng uphinde waqokelwa kwi-Betway Premiership Young Player of the Season, MTN 8 Last Man Standing ne Nedbank Cup Most Promising Player of the Year.
Nge-season edlule uMofokeng uzisize kakhulu ezikaMagebhula zinqoba i-MTN 8, zahlala endaweni yesibili (2) ku-league yenza kahle nakweminye imincintiswano. Kuyo yonke imidlalo ayidlalile engamashumi amane nanhlanu (45) ushaye amagoli ayishumi nambili (12) wasiza kwashawa ayishumi nanhlanu (15).
Omunye umdlali okuvele ukuthi ufunwa i-PSV Eindhoven kuleli u-Iqraam Rayners we-Sundowns.

