EZEMIDLALOIzindaba

U-Andile Mpisane ngeke adlale kuMbabane Highlanders AM F.C. kaMaMkhize

UMENGAMELI omusha weMbabane Highlanders AM F.C. egijima Eswatini Premier League (EPL), u-Shawn ‘MaMkhize” Mkhize udalule ukuthi indodana yakhe u-Andile Mpisane ngeke ibonakale “iliteka’ enkundleni njengoba izobe igxile ekuphathweni kweqembu.

UMaMkhize usho kanje ngoLwesibili kusihlwa ohlelweni i-‘Sports Nights’ olwethulwa u-Andile Ncube ku-Metro FM.

Utshele uNcube ukuthi ukuhlakazeka we-Royal AM bekufana nokuthi kuhlakazeka yena uqobo ngendlela abetshale ngayo kuyo. “Ngabe kungcono ukube bangiyeka ngahluleka, hhayi lendlela abenze ngayo”, kusho yena.

Kuzokhumbuleka ukuthi i-Royal AM ihlakaziwe emuva kwezinkinga ebe nazo ne-PSL kanye ne-SARS njengoba beyikweleta umqoqintela imali engaphezu kuka-R40 million.

Kusenjalo, obengumlandeli wokuqina we-Royal AM, u-Joy ‘Mama Joy’ Chauke udalule ukuthi uzoqhubeka nokuhamba noMaMkhize ebhakuzisa i-flag leqembu iMbabane Highlanders AM F.C.

“Ngikulungele ukuya Eswatini, amaphepha emvume okungena khona alungile”, kusho yena kuzwakala ukuthi usejahe unompempe ashaye indweba.

UMKHAYA

Ukuze ukhangise ezikweni lethu elidlondlobalayo, sithinte ku - 079 523 9786 noma kuleli kheli le-email elithi - editor.umkhaya@gmail.com