Izindaba

Kuthenjiswa ubumnandi bodwa Eyadini Lounge esizoba i-The Union

ABANIKAZI abasha bendawo eyaduma ngokuthokozisa abathandi bobumnandi eminyakeni edlule, i-Eyadini Lounge sebedalule ukuthi izovulwa kabusha isinegama elisha.

Le ndawo eseMlazi eningizimu yeTheku ibiphethwe uMnuz. Jabulani ‘Mjay’ Zama oshone ngoNcwaba (August) 2023 emuva kokuxinwa kanzima isifo sohlangothi.

Ngesikhathi isaphethwe uMjay lendawo ibihlonishwa kakhulu futhi iheha abathandi bobumnandi abavela ezindaweni ezehlukene. Bekuba nemicimbi kufike abaculi abadumile bezonandisa.

Abebeyihambela kakhulu leyandawo isashisa bazokhumbula ukuthi unontandakubukwa odume ngokudansa enqunu uZodwa Wabantu waduma kuyo ngemidanso yakhe yokufequza eyayiheha abesilisa.

Esithombeni: I-logo enegama elisha le-The Union Restaurant and Lounge

muva kokudlula emhlabeni kukaMjay i-Eyadini Lounge uthe ukuvalwa isikhashana yabe isivulwa uMnuz. Siwaphiwe ‘Siwe’ Mlobeli ngaphansi kwegama elithi Black Bottle.

USiwa usebenze isikhathi eside noMjay esaphila ukugcina leyandawo isezingeni eliphezulu nokwenza kwaba ukuthi umkakhe avumele phezulu uma [uSiwa] ecela ukuyivula.

NgoLwesithathu, mhlaka-15 Ntulikazi (July) 2005 ekhasini lika-Facebook le Eyadini Lounge kufakwe isitatimende esazisa abathandi bobumnandi ukuthi lendawo isizosebenza ngaphansi kwabanikazi abasha, kubona okuvele igama lendodana kaMjay u-Aphiwe Zama owaziwa ngelika-DJ Choppas.

Kulesitatimende kudalulwe ukuthi igama lale ndawo sekuzoza i-The Union Restaurant and Lounge. Kuthiwe izoqhubeka nokudayisa ukudla okuphekiwe neshisanyama.

“I-The Union izoqhubeka nokwakwa izinkumbulo ezingasoze zalibaleleka, ubumnandi, umculo, ukudla okuconsisa amathe neziphuzo ezihlanganisa abantu bonke ndawonye”, kusho isitatimende.

Kulesitatimende kubhalwe nokuthi i-The Union Restaurant and Lounge izobamukela abafuna ukwenza imicimbi efana neyezinsuku zokuzalwa, abagqoka amajazi emfundo, eyokuhalalisela abazoteta eyokuvalwa konyaka neminye. Ungayiqasha le ndawo uma ufuna ukwenza umcimbi ngokufonela kule nombolo ethi 076 753 6025.

UMKHAYA

Ukuze ukhangise ezikweni lethu elidlondlobalayo, sithinte ku - 079 523 9786 noma kuleli kheli le-email elithi - editor.umkhaya@gmail.com